Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 14:19 - IsiZulu 2020

19 Ngabe uJuda usumlahle impela na? Umphefumulo wakho usunengiwe yini iZiyoni na? Usishayeleni size singabi nakuphiliswa na? Besibheke ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokusindiswa, kodwa luvalo lodwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Umlahlile nokumlahla uJuda na? Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na? Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa, na? Sihlalela ukuthula, kepha okuhle akukho; nesikhathi sokuphulukiswa, kepha luvalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Umlahlile ngokuphelele uJuda? umphefumulo wakho wawuzonda iSiyoni na? usishayeleni, singekho ukuphulukiswa na? besilindele ukuthula, kepha akukho okuhle; nesikhathi sokuphulukiswa, futhi bheka, usizi!

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 14:19
26 Referans Kwoze  

ngaphandle uma ususilahle unomphelo, wasithukuthelela kakhulu.


Besilindele ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokuphiliswa, kepha bheka, luvalo lodwa.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Bayakuthiwa amanyela esiliva, ngokuba uSimakade ubalahlile.”


Akekho omela udaba lwakho, akukho muthi wokukwelapha; akukho ukuphulukiswa kuwe.


Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.


Ifa lami selingiphendukele lanjengebhubesi ehlathini, liyangibhongela, ngalokho-ke ngiyalizonda.


Ngesikhathi uNkulunkulu ekuzwa lokho wabathukuthelela, wamlahla impela u-Israyeli.


Lapho ngilindele okuhle, kwafika okubi, ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.


Amehlo ethu aze akhathala, silokhu silindele usizo oluyize, simi emibhoshongweni yethu, silinde isizwe esingenakusisindisa.


Ngingafakaza ngithini ngawe Jerusalema na? Ngingakuqhathanisa nani na? Ngingathini kuwe ukuze ngikududuze, ntombi eyindodakazi iZiyoni na? Ngokuba incithakalo yakho ibanzi njengolwandle; ngubani ongakwelapha na?


USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.


Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, ukhihle isililo emagqumeni aphakemeyo angamaqwaqwasi, ngokuba uSimakade ukwalile, usilahlile isizukulwane sentukuthelo yakhe.


Nokho ogcotshiweyo wakho usumlahlile, wamala, wamthukuthelela.


Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


“Ngiyishiyile indlu yami, ngalilahla ifa lami, nginikele ngothandiweyo womphefumulo wami, esandleni sezitha zakhe.


Ngokuba abakhe eMarothi basezinhlungwini ezinzima, balindele okuhle, phela inhlekelele yehlile ivela kuSimakade, ifike esangweni eJerusalema.


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


“Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Ukulimala kwakho akunakuphola, nesilonda sakho sibi.


Ngokuba u-Israyeli noJuda akabahlamukanga uNkulunkulu wabo, nakuba izwe labo lonakele koNgcwele ka-Israyeli.


“Ubabize nxazonke abangesabisayo, kwaba njengasosukwini owawulumisile; akubanga bikho namunye owaphunyula nowasindayo, ngosuku lwentukuthelo kaSimakade. Labo engabazala ngabakhulisa, isitha sami sibaqothulile.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite