Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 14:12 - IsiZulu 2020

12 Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kwabo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu, angiyikuthokoza ngabo, kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uma bezila ukudla, angiyikuzwa ukukhala kwabo; futhi uma beletha umnikelo wokushiswa nomnikelo womlilo, angiyikujabulisa kubo; kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 14:12
32 Referans Kwoze  

Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwabo abangayukuphunyuka kuyo; bayakukhala kimi, kepha angiyukubezwa.


Inalusizo luni kimi inhlaka evela eShebha, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


khona bayakungibiza, kodwa angiyukuphendula; bayakungifunisisa, kodwa ngeke bangifumane,


“ ‘Kwathi nakuba ebabiza, kodwa abalalelanga, kanjalo-ke nabo bayakungibiza, kepha angiyukubalalela,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngakho-ke bayakukhala kuSimakade, kodwa akayukubaphendula. Uyakubafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi, ngenxa yokwenza kwabo izenzo ezimbi.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kakhulu kangakanani, lapho sengithumela eJerusalema izehlulelo zami ezine ezimbi: inkemba, indlala, izilwane zasendle nobhubhane, ukuba kubhubhise izilwane nabantu okukulo!


Ngiyakuthuma kubo inkemba, indlala, nobhubhane, baze baphele nya ezweni engalinika bona nokhokho babo.” ’ ”


“Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”


Ngiyakubahlakaza phakathi kwezizwe abangazazi, bona nokhokho babo, ngibalandelise ngenkemba, ngize ngibaqede nya.”


Bathi: ‘Sikuzileleni ukudla, ngoba awuboni na?’ ‘Sizithobeleni, ngoba awusinaki na?’ “Bhekani, ngosuku enizila ngalo, nenza enikuthandayo, nicindezele zonke izisebenzi zenu.


Ofulathelisa indlebe yakhe ekulaleleni umthetho nomkhuleko wakhe, uyisinengiso.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Ngase ngibona: nanto ihhashi elimpofu nogibele kulo, igama lakhe kwakunguKufa, neHayidesi lamlandela, base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, ngendlala, ngobhubhane, nangezilwane zasendle.


UNkulunkulu uyakuzwa yini ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa wusizi na?


“ ‘Bengizobutha nokubutha, kepha awekho amagilebhisi namakhiwane emkhiwaneni; amaqabunga abunile engabanika khona bakwephuciwe,’ ” kusho uSimakade.


Ngiyakushaya abakhe kulo muzi, abantu nezilwane; bayobulawa yisifo esikhulu.


“Bheka, kwenziwe izindunduma zokuhlasela ukuze kudliwe umuzi; nalo muzi ubhekene nenkemba, nendlala nobhubhane, unikelwe esandleni samaKhaledi alwa nawo. Owakusho sekwenzekile, njengoba uzibonela nje.


“Nakuba bengiyakuthumela ubhubhane kulelo lizwe, ngithululele kulo ulaka lwami ngokuba kuchitheke igazi ukuba ngiqede nya abantu nezilwane kulo,


Bayakuhamba nomhlambi wabo wezimvu nowezinkomo ukuyofuna uSimakade, kodwa abayukumfumana, ngokuba usesukile kubo.


Ngiyawazonda, futhi ngiyawenqaba amadili enu, angiyenameli nemihlangano yenu.


“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Okunye enikwenzayo futhi yilokhu: nilithela ngezinyembezi i-althare likaSimakade, nikhala, nibubula, ngoba engasayinakile iminikelo yenu, futhi engayamukeli ngokuthokoza esandleni senu.


“Ngalokho-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabenzeli izinxuso; ungabakhulekeli, ngokuba angiyukubalalela mhla bekhala kimi ngenhlekelele yabo.


USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite