Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 13:25 - IsiZulu 2020

25 Lokhu kuyisabelo sakho, isabelo engikulinganisele sona,” kusho uSimakade, “ngokuba wangikhohlwa wethembela emangeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Lokhu kungokwenkatho yakho, isabelo osilinganiselwe yimi,” usho uJehova, “ngokuba wangikhohlwa, wethemba emangeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Lokhu kuyinkatho yenu, isabelo senu esilinganiselwe esivela kimi, usho uJehova; ngoba ningikhohliwe Mina, lethemba amanga.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 13:25
22 Referans Kwoze  

Lesi yisabelo somuntu okhohlakele, esivela kuNkulunkulu, nefa alimiselwe nguNkulunkulu.”


iyinqamule kabili, iyabele isabelo sayo nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.”


Intombi ingakhohlwa yini yimvunulo yayo, nomakoti ixhama lakhe na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.


Izikhohlakali ziyakubuyela endaweni yabafileyo, yebo, zonke izizwe ezikhohlwa nguNkulunkulu.


Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanalwazi; bonke ababumbi bathelwe ngehlazo nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso, azinamphefumulo.


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, Mina mthombo wamanzi aphilileyo; bazigubhela imithombokwakhiwa, imithombokwakhiwa evuzayo, engenakuwagcina amanzi.


ngokuba nithe: “Senze isivumelwano nokufa, sivumelene nendawo yabafileyo; lapho isiswebhu esiyishoba sedlula, asiyukuza kithi, ngoba amanga siwenze ayisiphephelo sethu, sacasha phansi kwenkohlakalo.”


“Ngalolo lusuku udumo lukaJakobe luyodanjiswa, kuphele ukukhuluphala emzimbeni wakhe, azace.


Baguqula iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga, badumisa futhi bakhonza okudaliweyo kunoMdali odumisekayo kuze kube phakade. Amen.


Ukwenzele unkatho, isandla sakhe sakukala ngentambo, sababela, kwaba yifa labo laphakade, izizukulwane ngezizukulwane ziyohlala kulo.


ububi babo, nobokhokho babo kanyekanye,” kusho uSimakade.


Izwi liyezwakala emadulini angamaqwaqwasi, likhala, linxusela abantu bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo, bamkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wabo.


Awulilaleli izwi, awukwemukeli ukuyalwa, awethembeli kuSimakade, awusondeli kuNkulunkulu wawo.


Nokho abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho; bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasemandulo, ukuba bahambe ngemikhondo, nangezindlela ezingahlelwanga;


“Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngokuba ungikhohliwe Mina, wangifulathela, uyakukuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite