Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 13:24 - IsiZulu 2020

24 “Ngakho-ke ngiyakubasakaza njengamakhoba epheshulwa ngumoya wasehlane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibi adlula ngomoya wasehlane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ngakho ngiyobahlakaza njengamabibi adlula umoya ogwadule.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 13:24
19 Referans Kwoze  

Kepha abanjalo ababi, kodwa bafana namakhoba apheshulwa ngumoya.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


Ngakho-ke bayakuba njengofasimba, bafane namazolo asekuseni eshabalala, nanjengamakhoba epheshulwa ngumoya esibuyeni nentuntu ephuma ngoshimula.


Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe.


Ingxenye yokuthathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, lapho seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa; uyothatha ingxenye yokuthathu elandelayo, uyigalele ngenkemba nxazonke; kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina, uyihlakaze emoyeni. Mina ngizohosha inkemba emva kwabo.


Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.”


singakaphumi isinqumo, lungakadluli lolo lusuku njengamakhoba, lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaSimakade, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaSimakade.


Kuyakuthi bonke ababalekayo bempi yakhe, bawe ngenkemba, kuthi abasindileyo bahlakazelwe kuzo zonke izindawo, kulapho-ke niyokwazi ukuthi Mina Simakade ngikhulumile.’


“ ‘Kepha ngiyakushiya insali, abaphunyuke enkembeni ngiyakubahlakazela ezizweni nasemazweni.


Uyowahlakaza, umoya uwasuse, isivunguvungu siwachithe; uyothokoza ngoSimakade, uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.


Izizwe zihlokomisa okwamanzi amaningi, kodwa uyakuzijezisa, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba epheshulwa ngumoya ezintabeni, nanjengothuli lupheshulwa yisiphepho.


Ngathi: “Ngizobavithiza babe yizicucu ngiqede ukukhunjulwa kwabo kubantu,”


“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.


Ngiyakubahlakaza phakathi kwezizwe abangazazi, bona nokhokho babo, ngibalandelise ngenkemba, ngize ngibaqede nya.”


Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane, hhayi ubuso, ngosuku lwenhlekelele yabo.”


“INkosi uSimakade iwalaxazile onke amaqhawe ami, ibize imbizo ukuze imelane nami; ifihlize izinsizwa zami, kuhle kwesikhamo sewayini inyathele intombi eyindodakazi yakwaJuda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite