Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 13:23 - IsiZulu 2020

23 UmKhushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo na? Nani-ke ningekwenze okuhle, nina eniqeqeshelwe ukwenza okubi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? Khona ningenza okuhle nina enifundisiwe ukwenza okubi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 UmKushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? khona-ke ningase nenze okuhle nina enijwayele ukwenza okubi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 13:23
13 Referans Kwoze  

Ngokuba noma ugeza ngesoda, uzithathele insipho eningi, ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” kusho iNkosi uSimakade.


Yilowo nalowo ukhohlisa umakhelwane wakhe, abalikhulumi iqiniso; ulimi lwabo balufundise ukukhuluma inkohliso, bazikhathaza ngokwenza okubi.


“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


“Abantwana benu ngibashayele ize, abakwemukelanga ukuyalwa. Inkemba yenu idle abaphrofethi benu njengengonyama ebhubhisayo.


Nisazoshaywa kuphi futhi, lokhu nisaqhubeka nokuhlubuka na? Lonke ikhanda liyagula, nenhliziyo yonke ibuthakathaka.


Noma ungasigqula esigqulweni isiwula, usisile ngembokodo etsheni, kepha ubuwula baso abuyukusuka kuso.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


Lokho kwabikelwa uSawule, wabuye wathumela ezinye izithunywa; nazo zaphrofetha. USawule waphinda futhi wathumela ezinye izithunywa ngokwesithathu; nazo zaphrofetha.


Kepha abazange balalele, baqhubeka benza njengokwemithetho yabo yakuqala.


Okugobile ngeke kuqondiswe, okungekho ngeke kwabalwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite