Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 12:9 - IsiZulu 2020

9 Ngabe ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi na? Ngabe amanqe alihaqe nxazonke na? Hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle, nizilethe, zidle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi, amanqe angakulo alihaqile nxazonke; hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle, nizilethe, zidle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ifa lami kimi linjengenyoni enamabala, izinyoni ziphezu kwalo nxazonke; wozani niqoqe zonke izilwane zasendle, nize zidle.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 12:9
15 Referans Kwoze  

Nina nonke zilwane zasendle, nani nonke zilwane zasehlathini, wozani nidle.


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nezilwane zasendle; akekho oyakuzethusa.


USimakade wathumela kuye amaviyo amaKhaledi, awama-Aramu, awakwaMowabi nawakwa-Amoni, wawathumela ukuba ambhubhise uJuda njengezwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo wezinceku zakhe, abaphrofethi.


Izimpondo ezilishumi ozibonileyo nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe zisibhubhise, zisihlubule sibe ze, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo.


“Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.


Amabhongo ezingonyama alibhozomela, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhona iyincithakalo, akukho muntu owakhe kuyo.


Yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo, nasesandleni salabo abafuna ukuphila kwabo; izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.


IZiyoni lelula izandla zalo, akukho noliduduzayo. USimakade uyalile ngoJakobe ukuthi labo abamzungezile bayoba yizitha zakhe. IJerusalema seliphenduke isinengiso phakathi kwabo.


Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


Bezihlakazekile ngenxa yokweswela umelusi; zahlakazeka zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite