Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 12:7 - IsiZulu 2020

7 “Ngiyishiyile indlu yami, ngalilahla ifa lami, nginikele ngothandiweyo womphefumulo wami, esandleni sezitha zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Ngiyishiyile indlu yami, ngililahlile ifa lami, nginikele othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngiyishiyile indlu yami, ngilishiyile ifa lami; nganikela othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 12:7
23 Referans Kwoze  

Ubalahlile abantu bakho, indlu kaJakobe, ngokuba isigcwele imikhuba yasempumalanga; sebengabalumbi njengamaFilisti, bamdibimunye nabantwana babezizwe.


“Unalungelo lini othandiweyo wami endlini yami, lapho enza izinto eziningi ezimbi na? Inyama eyehlukaniselwe ingasiguqula yini isijeziso sakho, ujabule ngokwenza okubi na?”


Bonke ububi babo buseGiligali, impela ngabazonda khona lapho; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angiyukubathanda futhi; zonke izikhulu zabo zingamahlubuka.


Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.”


ngiyakuqoqa zonke izizwe, ngizehlisele esigodini sikaJehoshafathi, ngizehlulele lapho ngenxa yabantu bami nefa lami u-Israyeli, ezimhlakazele ezizweni, zabelana ngezwe lami.


Bethani uphondo eZiyoni, nimemezele usuku olungcwele lokuzila ukudla, nibize umhlangano.


‘Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizoyingcolisa indlu yami engcwele; ukuzigabisa ngamandla enu, ukunxanela kwamehlo enu, nokuthanda kwempilo yenu. Amadodana namadodakazi enu eniwashiyile, ayakudliwa yinkemba.


Ngokuba u-Israyeli noJuda akabahlamukanga uNkulunkulu wabo, nakuba izwe labo lonakele koNgcwele ka-Israyeli.


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, ukhihle isililo emagqumeni aphakemeyo angamaqwaqwasi, ngokuba uSimakade ukwalile, usilahlile isizukulwane sentukuthelo yakhe.


Ngizokwenza kule ndlu ebizwa ngeGama lami nenithembela kuyo, nakule ndawo enganinika yona, nina nokhokho benu, njengalokhu ngenza eShilo.


Ngabe uJuda usumlahle impela na? Umphefumulo wakho usunengiwe yini iZiyoni na? Usishayeleni size singabi nakuphiliswa na? Besibheke ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokusindiswa, kodwa luvalo lodwa.


Niyakulilahla nina uqobo ifa lenu enganinika lona; ngiyonenza nikhonze izitha zenu ezweni eningalaziyo, ngokuba niphembe umlilo wolaka lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”


“Uma laba bantu, noma umphrofethi, noma umphristi bekubuza bethi: ‘Uyini umthwalo kaSimakade na?’ Uyobatshela uthi: ‘Yinina eningumthwalo,’ ubuye uthi: ‘Ngiyakunilahla, kusho uSimakade.’


ngakho-ke ngiyakuniphakamisa nokuniphakamisa, nginilahle kude nobukhona bami, nina nomuzi enganinika wona, nina nokhokho benu,


“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda; ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.


“NgoBhenjamini wathi: ‘Othandiweyo kaSimakade uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.’


Ngiyakuyilahla insali yefa lami, ngiyinikele esandleni sezitha zayo, iyokuba yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo,


Abantu bakhe wabanikela enkembeni, ifa lakhe walithukuthelela.


Intukuthelo kaSimakade yabavuthela abantu bakhe, ifa lakhe laba yisinengiso kuye.


Kepha uma ningawalaleli lawa mazwi, ngizifunga Mina uqobo,” kusho uSimakade, “ukuthi le ndlu iyophenduka incithakalo.” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite