Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 12:5 - IsiZulu 2020

5 “Ugijime nemigundatshani, yakukhathaza, pho ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma ukhubeka ezweni eliphephile, uyakwenzenjani ehlozini eJordani na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Uma ugijimile nemigundatshani, yakukhathaza, ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela, uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uma ugijimile nabahamba ngezinyawo, bakukhathala, ungaqhudelana kanjani namahhashi na? uma benidinisile ezweni lokuthula enathembela kulo, niyakukwenza kanjani emagqumeni aseJordani na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 12:5
14 Referans Kwoze  

Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu, enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo.


Uma uxega amadolo ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.


Bheka, njengengonyama ephuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza; ngiyakubazuma kanjalo abaseBhabhele, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo, ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongamelana nami na?”


“Bheka, njengengonyama iphuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza, ngiyakubazuma kanjalo abakwa-Edomi, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongama phambi kwami na?”


Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami.


Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kukaSimakade, ungakwenyanyi ukusola kwakhe.


Lapho abathwele umphongolo befika eJordani, nezinyawo zabaphristi sezithinte amanzi osebeni lomfula iJordani ogola izintethe ngaso sonke isikhathi sokuvuna,


Inkosi yayala uJerameli, indodana yenkosi, uSeraya, indodana ka-Aziriyeli noShelemiya, indodana ka-Abhideyeli ukuba babambe uBharukhi, umbhali noJeremiya, umphrofethi, kodwa uSimakade wabafihla.


Kwathi lapho eseqedile uJeremiya ukukhuluma konke uSimakade ayemyale ngakho ukuba akusho kubo bonke abantu; abaphristi, abaphrofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: “Uzokufa nokufa.


Yibo labo abawela iJordani ngenyanga yokuqala, lapho ligcwele lidla izindwani, ugu lonke lwalo luphuphuma amanzi. Yibo abaxosha bonke ababesezigodini, ngasempumalanga nangasentshonalanga.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade kubantu base-Anathothi abazingela ukuphila kwakho, bethi: ‘Ungalokothi uphrofethe egameni likaSimakade, ukuze singakubulali ngezandla zethu.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite