Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 12:3 - IsiZulu 2020

3 Kepha Wena Simakade uyangazi, futhi uyangibona, uhlola inhliziyo yami ukuthi injani kuwe. Bahudule njengezimvu ziyokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha wena Jehova uyangazi, uyangibona, uvivinya inhliziyo yami ukuthi injani kuwe; bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kepha wena Jehova uyangazi; Wangibona futhi wavivinya inhliziyo yami mayelana Nawe; Bakhumule njengezimvu zokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 12:3
23 Referans Kwoze  

Mabajabhiswe abangizingelayo, kodwa mina mangingadunyazwa; behlisele ngosuku lwenhlekelele, ubabhubhise ngokubhubha okuphindiweyo.


“Simakade, ngiyakuncenga, ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso, nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle phambi kwakho.” UHezekiya wadazuluka wakhala kakhulu.


Nibusile emhlabeni, natamasa, izinhliziyo zenu nazondla ngosuku lokuhlaba.


Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehle ziyohlatshwa. Maye kuzo! Ngokuba usuku lwazo selufikile; isikhathi sokujeziswa kwazo.


Ngihlole, Nkulunkulu, uyazi inhliziyo yami; ngilinge, uyazi imicabango yami,


Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza.


UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.


Bayakuwa begwaziwe ezweni lamaKhaledi, bemanxebanxeba emigwaqweni yalo.


UMowabi uyakubhujiswa, nemizi yakhe ihlaselwe; izinsizwa zakhe zekhethelo zehlele ukuyobulawa,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.


Simakade Wamabandla, ovivinya olungileyo, obona izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba indaba yami ngiyibeke phambi kwakho.


USimakade uyamvivinya olungileyo, kodwa uyamzonda othanda ubudlova.


Makuphele ukonakala kwababi, kodwa simamisa abalungileyo, wena ohlolisisa izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.


“Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma nginjengegolide.


Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.


Kepha laba bantu bafana nezilwane ezingenangqondo, izidalwa eziphila ngokwemvelo, ezizalelwe ukuba zibanjwe zibulawe. Bakhuluma kabi ngalokho abangakuqondi, kepha nabo bayakubhujiswa bashabalale njengazo.


Simakade, Wena uyazi; ngikhumbule, unginake, ungiphindiselele kwabangizingelayo; ungangisusi ngenxa yolaka lwakho, yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


Kepha angiyekanga ukuba ngumelusi okusebenzelayo, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; Wena uyakwazi engakushoyo, ngiphambi kobuso bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite