Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 12:2 - IsiZulu 2020

2 Ubatshalile, futhi bagxila; bayakhula, futhi bathela izithelo; igama lakho lisezindebeni zemilomo yabo, kodwa izinhliziyo zabo zikude nawe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kepha ukude nezinhliziyo zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wabatshala, yebo, banezimpande; bayakhula, yebo, bathele izithelo; Useduze emlonyeni wabo futhi ukude nezinso zabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 12:2
15 Referans Kwoze  

INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.


“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;


“USimakade Wamabandla owakutshala ukhulume okubi ngawe, ngenxa yobubi obenziwe yindlu ka-Israyeli nendlu yakwaJuda, bachukuluza ulaka lwami ngokushisela uBhali impepho.”


Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele.


“Uyakukhuluma kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uthi: bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukubhidliza, nalokho engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, kulo lonke izwe.


UJesu wayesethi kubo: “U-Izaya waphrofetha kahle ngani, nina bazenzisi, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kodwa inhliziyo yaso ikude nami;


Nokho kukho konke lokho lo dadewabo ombuluzayo, uJuda, akazange abuyele kimi ngenhliziyo ephelele, kodwa ngokuzenzisa nje,” kusho uSimakade.


Ngisibonile isiwula sisimama siba nezimpande, ngase ngiqalekisa indlu yaso ngokuphazima kweso.


Ngimbonile omubi oyisidlova, enabise okomsedari eLebhanoni ogxilileyo.


Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?


Kusukela emzini kububula abafayo, amaphimbo abalimele kakhulu ayakhala ecela usizo, kodwa uNkulunkulu akayinaki imithandazo yabo.


Abakhalanga kimi ngenhliziyo yabo, kodwa bahhewula emibhedeni yabo; babuthana ngenxa yokusahlamvu newayini elisha, bangifulathela Mina.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite