Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 12:14 - IsiZulu 2020

14 Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi, abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Usho kanje uJehova ngabo bonke abakhelwane bami ababi abathinta ifa engalinika abantu bami u-Israyeli ifa; Bheka, ngiyakubasiphula ezweni labo, ngiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 12:14
34 Referans Kwoze  

Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla ongithumile ukuyolanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaniphanga, ngokuba othinta nina usethinte inhlamvu yeso lakhe.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuhamba nendlu yakwa-Israyeli, ziyakubuya kanyekanye ezweni enyakatho, ziye ezweni engalinika okhokho benu ukuba libe yifa labo.


Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na? Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na? Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?


U-Israyeli ungcwele kuSimakade, uwulibo lwezithelo zakhe; bonke abazidlayo bayothweswa icala, behlelwe ngokubi,’ ” kusho uSimakade.


Sisindise, Simakade Nkulunkulu wethu, siqoqe kwabezizwe ukuze silidumise igama lakho elingcwele, sikudumise ngentokozo.


khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona.


Ngizithukuthelele kakhulu izizwe ezinethezekileyo, ngokuba uma ngithukuthele kancane nje, zona ziyadlanga ngobubi.’


Abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli bayakuhlangana ndawonye, bazikhethele inhloko ibe yodwa, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.”


Khuluma kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakubathatha abakwa-Israyeli ezizweni lapho baya khona, ngibaqoqe nxazonke, ngibayise ezweni lakubo.


“ ‘ “Ngiyakunithatha ezizweni, nginiqoqe emazweni wonke, nginiyise ezweni lakini.


“ ‘ “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: kuyakuthi lapho sengibaqoqa abendlu yakwa-Israyeli ezizweni abahlakazelwe kuzo, ngizibonakalise ngingcwele kubo, nasemehlweni ezizwe. Bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami, uJakobe.


Mayelana noMowabi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maye, kulo iNebho, ngokuba liyakubhujiswa, lithelwe ngehlazo, libanjwe iKiriyathayimi, ngokuba liyakuthelwa ngehlazo, izinqaba zalo zibe yimvithi!


bheka, ngiyakubaqoqa emazweni wonke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo, ngokufutheka, nangolaka lwami olukhulu; ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile;


ethi: “Ningabathinti abagcotshiweyo bami, ningabalimazi abaphrofethi bami.”


Kuyothi njengalokhu uSimakade wayejabula ngani ukuba anenzele okuhle nokunenza nande, kanjalo uSimakade uyojabula ngani lapho esenibhubhisa, nishatshalaliswe, nidwengulwe ezweni eningena kulo ukuba nilidle.


Kepha ngiyakukuguqula ukuthunjwa kukaMowabi ngezinsuku ezizayo,” kusho uSimakade. Kuphela lapha ukwehlulelwa kukaMowabi.


Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi: “Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na? Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi, nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


Bahlale kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, bahlale bevikelekile, ngesikhathi ngibehlulela bonke ababedelelayo ababazungeze nxazonke, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo.” ’ ”


isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: impela ngentukuthelo yami evuthayo, ngikhulumile ngamelana nensali ezizweni naye wonke u-Edomi, abenze izwe lami laba yifa labo ngentokozo nangenhliziyo yabo embi, ukuze lilahlwe libe yimpango.” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite