Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 12:10 - IsiZulu 2020

10 Abelusi abaningi basicekele phansi isivini sami, basinyathela isabelo sami, ifa lami elinxanelekayo balenze ihlane eliyincithakalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Abelusi abaningi basichithile isivini sami, basinyathele phansi isabelo sami, benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Abelusi abaningi basichithile isivini sami, balinyathele phansi izwe lami, benzé izwe lami elimnandi laba ihlane eliyincithakalo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 12:10
21 Referans Kwoze  

“Maye, kubelusi ababhubhisa, bahlakaze izimvu zedlelo lami!” kusho uSimakade.


Abantu bakho abangcwele balidla ifa okwesikhashana; izitha zethu ziyigxobagxobile indawo yakho engcwele.


Abelusi nemihlambi yabo bayotheleka kuyo, bamise amathende abo ngakuyo, nxazonke, beluse, kube yilowo nalowo endaweni yakhe.


“Mina bengicabanga ukuthi: “ ‘Ngizakukubeka kanjani phakathi kwabantu, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi niyakungibiza nithi: ‘Baba,’ ningaguquki ekungilandeleni.


Kepha igceke elingaphandle kwethempeli uliyeke, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwugxobagxoba izinyanga ezingama-42.


Ngakho-ke kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuze ningazindli ngokuthi niyakuziphendulela nithini,


Zonke izikhulu zenkosi yaseBhabhele zangena, zahlala esangweni eliphakathi nendawo: kwakunguNerigali Sarezeri, uSamigari Nebho, uSaresekimi induna yezinceku, uNerigali Sarezeri induna yabaphristi, nazo zonke ezinye izikhulu zenkosi yaseBhabhele.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


Ngakho-ke ngizingcolisile izikhulu zendlu engcwele; uJakobe ngizakumnikela ukuba achithwe, no-Israyeli ukuba abe yisithuko.”


Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


“Ndodana yomuntu, phrofetha umelane nabelusi bakwa-Israyeli; phrofetha uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, kubelusi bakwa-Israyeli abazicabangela bona! Kanti abelusi akumele yini ukuba beluse izimvu na?


Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owayekhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esibhubhisayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”


“ ‘Ngiyakubaphephulela kude kuzo zonke izizwe abangazazi. Izwe selisele liyincithakalo, akekho odlulayo nobuyayo kulo, ngokuba izwe elihle balenze laba yincithakalo.’ ”


USimakade uze ukuzokwehlulela ekanye namalunga abantu bakhe nabaholi babo, uthi: “Yini eniqede isivini, nabuthela impango yabampofu ezindlini zenu.


Izibaya ezinokuthula ziqediwe, ngenxa yolaka oluvuthayo lukaSimakade.


Uwushiyile umphandu wakhe, njengebhongo lengonyama; ngokuba izwe labo seliyincithakalo, ngenxa yolaka lomcindezeli nangenxa yentukuthelo yakhe evuthayo.


Bezihlakazekile ngenxa yokweswela umelusi; zahlakazeka zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite