Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 11:19 - IsiZulu 2020

19 Kepha mina nganginjengewundlu eliholwa liyohlatshwa; ngangingazi ukuthi kanti bangicebela amacebo, bethi: “Masisicekele phansi isihlahla nezithelo zaso, simnqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi: “Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo, simnqume ezweni labaphilayo, igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kodwa nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; futhi ngangingazi ukuthi babengicebele amacebo, bethi: “Masiwuchithe umuthi nezithelo zawo, siwunqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lawo lingabe lisakhunjulwa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 11:19
28 Referans Kwoze  

Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”


Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”


Bathi: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”


Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala.


Umuntu akayazi intengo yakho, akutholakali ezweni labaphilayo.


Ngiyethemba ukuthi ngizobubona ubuhle bukaSimakade, ezweni labaphilayo!


KwaGadi: u-Eliyasafa indodana kaDehuweli.


Ngathi: “Angiyukumbona uSimakade, uSimakade ezweni labaphilayo; angisayukubona muntu phakathi kwabakhileyo ezweni.


Izikhali zomkhohlisi zimbi, uhlela amacebo amabi, ukuze abhubhise abampofu ngamazwi angamanga, ngisho nalapho ontulayo ekhuluma okulungileyo.


Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola.


Iyamlandela masinyane njengenkabi iya ekuhlatshweni nanjengenyamazane ingena esihibeni;


Ngizohamba phambi kukaSimakade ezweni labaphilayo.


Abozalo lwakhe mababhujiswe, lesulwe igama labo esizukulwaneni esisazolandela.


Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


Ngikhala kuwe Simakade, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.”


Akayukunyakaziswa kuze kube phakade, olungileyo uyohlala ekhunjulwa kuze kube phakade.


Kepha uNkulunkulu uzokuqumba phansi kuze kube phakade; uzokubamba, akukhiphe ethendeni lakho, akusiphule nasezweni labaphilayo. Sela


Kepha ekukhubekeni kwami, babuthana, bahlekisa ngami; ophumasilwe engingabazi bangithelekela, bangishaya bangayeka.


Kwathi lapho eseqedile uJeremiya ukukhuluma konke uSimakade ayemyale ngakho ukuba akusho kubo bonke abantu; abaphristi, abaphrofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: “Uzokufa nokufa.


Ukubonile ukulangazelela kwabo ukuba baphindisele, nawo wonke amacebo abo ngami.


“Lapho kukhona i-Elamu naso sonke isixuku salo nxazonke zethuna, babulawe bonke, baqunjwa phansi ngenkemba, behlela phansi komhlaba bengasokile, labo abafake ingebhe ezweni labaphilayo; sebethwele ihlazo nalabo abehlela egodini.


Wena sikhohlakali ungayicutheli indlu yolungileyo, ungayibhubhisi indawo yakhe yokuphumula,


Bayokulwa nawe, kodwa abasoze bakwehlula, ngokuba nginawe,” kusho uSimakade, “ukuba ngikophule.”


Umphrofethi ungumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, kodwa umphrofethi ubekelwe ugibe lwezinyoni kuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite