Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:8 - IsiZulu 2020

8 Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke; ngukulaya kwezithombe; kungumuthi nje,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha bayiziphukuphuku neziwula; imfuyo iyimfundiso eyize.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:8
16 Referans Kwoze  

Ngokuba amatherafi akhulume inkohliso, ababhuli babona imibono eyedukisayo, bakhuluma ngamaphupho angamanga, baduduza ngokuyize. Ngakho-ke bazulazula njengezimvu, bayahlupheka, ngokuba bengenamelusi.


Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanalwazi; bonke ababumbi bathelwe ngehlazo nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso, azinamphefumulo.


Sisiza ngani isithombe, ngokuba umbazi usibazile, nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, ngokuba osibumbileyo wethembele kuwo ngokwenza izithombe eziyizimungulu na?


Akekho okhumbulayo, nokwazi ukuqonda bese, ethi: “Ingani ingxenye yawo ngiyishise ngomlilo, ngapheka isinkwa phezu kwamalahle awo, ngosa inyama, ngayidla; ngokuseleyo kuwo, ngenza okuyisinengiso; ngakhothama phambi kwesiqu somuthi.”


Bheka, bonke bayize; imisebenzi yabo iyinto engelutho, nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nento engekho.”


Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazithembayo.


Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


abathi emthini: ‘Ungubaba,’ nasetsheni, bathi: ‘Wena wangizala.’ Bangifulathele, abangibheki, kepha kuyothi ngesikhathi senhlekelele, bathi: ‘Vuka, usisindise.’


Abantu bami babuza ukhuni olubaziweyo, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngenxa yokufeba.


Kabazi, kabaqondi, ngokuba amehlo abo uwasilekile ukuze bangaboni, nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.


Ngenxa yokuba wayengenamahloni ngokufeba kwakhe, walingcolisa izwe, ephinga namatshe nezihlahla.


Ngase ngithi: “Laba yizimpofana nje, benze ubuwula, ngoba kabayazi indlela kaSimakade, nokwehlulela kukaNkulunkulu wabo.


Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite