Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:6 - IsiZulu 2020

6 Akekho onjengawe Simakade; umkhulu, igama lakho likhulu emandleni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Akakho onjengawe Jehova; umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngoba akakho ofana nawe, Jehova; Wena umkhulu, futhi iGama lakho likhulu ngamandla.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:6
27 Referans Kwoze  

“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?


Mkhulu uSimakade, udumisekile kakhulu, uyesabeka ngaphezu konkulunkulu bonke.


Mkhulu uSimakade, makadunyiswe emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.


“Akekho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni, ogibela amazulu ukuzokusiza, namafu ngobukhosi bakhe.


Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”


USimakade mkhulu, umelwe ukudunyiswa kakhulu, ubukhulu bakhe abuqondakali.


Maye, zinkulu kangakanani izibonakaliso zakhe! Maye, zinamandla izimangaliso zakhe! Umbuso wakhe ngumbuso ongunaphakade, nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane ngezizukulwane.


INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwayo akunakulinganiswa.


“Ngakho-ke umkhulu, Nkosi Simakade, ngokuba akekho onjengawe, akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho kukho konke esikuzwile ngezindlebe zethu.


Wena obenzela umusa abayizinkulungwane, futhi uyaphindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, Wena Nkulunkulu omkhulu noyiqhawe, ogama lakho kunguSimakade Wamabandla.


“Ngubani eningamfanisa nami neningangilinganisa naye na?” kusho oNgcwele.


Wathi: “Kusasa.” UMose wayesethi: “Makube njengalokhu ushilo ukuze wazi ukuthi akekho noyedwa ofana noSimakade uNkulunkulu wethu.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukhadinezari ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


Khumbulani izinto zakuqala, zasemandulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye, nginguNkulunkulu, akekho onjengami,


“Niyongifanisa nobani, niyongilinganisa nobani, ningiqhathanise nobani ukuba sifane na?


Ningamfanisa nobani uNkulunkulu na? Ningamqhathanisa namuphi umfanekiso na?


Amathambo ami wonke athi: “Simakade, ngubani onjengawe, Wena ukhulula abantekenteke kulabo abanamandla kunabo; ohluphekayo nontulayo, kulowo omphangayo.”


“Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, uhlale usigcina njalo isivumelwano sakho somusa. Yonke le nkathazo esehlelayo mayingabi ncane ebusweni bakho, thina namakhosi ethu, nezikhulu zakithi, nabaphristi bakithi, nabaphrofethi, nawokhokho, nabo bonke abantu bakho, kusukela ezinsukwini zamakhosi ama-Asiriya kuze kube namuhla.


Ngakubona lokho, ngaphakama, ngathi kubaholi nezikhulu nakubantu bonke: “Ningazesabi. Khumbulani iNkosi enamandla neyesabekayo, nilwele abafowenu, abantwana benu, omkenu nemizi yenu.”


Impela idwala labo alifani neDwala lethu; nezitha zethu ziyakuvuma lokho.


Ngokuba kulesi sikhathi ngizothumela zonke izinhlupheko zami enhliziyweni yakho, kweyezinceku zakho, nakweyabantu bakho, ukuze nazi ukuthi akekho onjengami emhlabeni wonke.


kodwa kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela konke kuye, futhi esiphilela Yena, neNkosi yinye, uJesu Khristu, okungaye kukhona konke, nathi sikhona ngaye.


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


Ngokuba mkhulu uSimakade, ufanele ukudunyiswa kakhulu; uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite