Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:3 - IsiZulu 2020

3 Imikhuba yabantu iyize; ngokuba umuntu ugawula isihlahla ehlathini, asixhoze ngembazo; umsebenzi wombazi, osibaza ngembazo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba imikhuba yabantu iyize, lokhu kugawulwa umuthi ehlathini; ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba imikhuba yabantu iyize, ngokuba umuntu ugawula umuthi ehlathini, umsebenzi wezandla zesisebenzi ngembazo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:3
17 Referans Kwoze  

Ngalokho, gcinani umyalo wami ukuze ningenzi nasinye sezinengiso ezenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngazo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”


Nina niyazi ukuthi nahlengwa ezintweni ezingasho lutho zokhokho benu, hhayi ngezinto eziphelayo njengesiliva noma igolide,


Ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabaze bamdumisa noma bambonge njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekucabangeni kwabo, ingqondo yabo nenhliziyo yabo yafiphazwa.


Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,


Kepha uma nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bacabanga ukuthi bayakuzwakala ngokukhuluma kwabo okuningi.


“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Bubi buni oyihlo ababufumana kimi, ukuba baze badede babe kude nami, balandele okuyize, baphenduke ize nabo na?


Kepha, niyabona futhi niyezwa ukuthi akusikho kuphela e-Efesu, kodwa cishe kulo lonke i-Asiya, uPawula lona usenxenxe waphendula abantu abaningi, ethi akusibo onkulunkulu laba abenziwe ngezandla.


Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.


Ngiyakubagweba ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.


Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.


Simakade, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badla ifa elingamanga kuphela, okuyize, okungenanzuzo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite