Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:22 - IsiZulu 2020

22 Izwi lombiko liyasondela, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni enyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo ehlala amakhanka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Bheka, kusondela izwi lombiko, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo yokuhlala kwamakhanka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Bhekani, kuyeza umsindo wesithelo, nesiyaluyalu esikhulu esivela ezweni lasenyakatho, ukwenza imizi yakwaJuda ibe yihlane nomhume wezimpungushe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:22
16 Referans Kwoze  

“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


kodwa ngamzonda u-Esawu, ngenza izintaba zakhe zaba wugwadule, nefa lakhe laba ngelamankentshane asehlane.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Kuzakufika abantu bevela ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.


“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Ngizakwehlisela kini, nina ndlu ka-Israyeli, isizwe esivela kude,” kusho uSimakade; “yisizwe esinamandla, isizwe esidala, isizwe ongalwazi ulimi lwaso, nongakuqondi esikushoyo.


Misani ibhanela libheke eZiyoni, nibaleke niyocasha, ningemi, ngokuba ngiyakwehlisa inhlekelele ivela enyakatho, nokubhujiswa okukhulu.”


Ngokuba ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” kusho uSimakade. “Iyakufika, kube yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobukhosi ezikhaleni zamasango eJerusalema, nakuzo zonke izingange ezilizungezile, nasemizini yonke yakwaJuda.


Kuyakumila ameva namakhakhasi ezindlini zamakhosi akhona, izinqaba zalo zibe yikhaya lezimpisi, nendawo yezintshe.


USimakade wayesethi kimi: “Kuzovela inhlekelele ngasenyakatho, ezokwehlela bonke abakhileyo ezweni.


Ngokuba izwi liyamemezela, liphuma kwaDani; limemezela inhlekelele ivela kwelezintaba kwa-Efrayimi.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


“IHazori liyakuba yindawo ehlala amakhanka nencithakalo, kuze kube phakade. Akuyukuhlala muntu khona, nendodana yomuntu ayiyukugogobala khona.”


Imigwaqo yaseZiyoni iyalila, akusekho muntu osaya emikhosini emisiweyo; onke amasango akhona aseyincithakalo, abaphristi bakhona bayabubula, izintombi zakhona ziyahlupheka; nalo linomunyu.


bese uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade kwabakhileyo eJerusalema, ezweni lakwa-Israyeli, ithi: “Bayakudla ukudla kwabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokuthuthumela, ngokuba izwe lakubo liyakuba yincithakalo, liphundlwe konke okugcwele kulo, ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.


Amabhongo ezingonyama alibhozomela, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhona iyincithakalo, akukho muntu owakhe kuyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite