Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:20 - IsiZulu 2020

20 Ithende lami libhidliziwe, izintambo zalo zonke zigqatshuliwe; abantwana bami bangishiyile, abasekho, akasekho ongangigxumekela ithende lami futhi, nongigaxela amakhethini ami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Itende lami lichithakele, zonke izintambo zami zigqabukile; abantwana bami basukile kimi, kabasekho; kasekho owokwelula itende lami nowokumisa izilenge zami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Itabernakele lami lichithiwe, nezintambo zami zonke zephuliwe; abantwana bami baphumile kimi, futhi abasekho; akasekho ongagxumeka itende lami, amise amakhethini ami.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:20
12 Referans Kwoze  

Kumenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa, ngokuba izwe lonke lenziwe incithakalo. Amathende ami ashatshalaliswe ngokushesha, namakhethini ami ngokuphazima kweso.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


Yenze ibe banzi, indawo yethende lakho; mabazelule izihenqo zezindlu zenu, ungazibambezeli; yelula izintambo zakho, uziqinise izikhonkwane zakho.


Abamelene nalo sebephenduke banjengamakhosi, izitha zalo zinokuthula. USimakade ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo. Izingane zalo sezihambile, zisekuthunjweni, ebusweni besitha.


Ngibeke amazwi ami emlonyeni wakho, ngakufihla ethunzini lesandla sami; ngeneke amazulu, ngamisa isisekelo somhlaba, ngathi eZiyoni: ‘Wena uyisizwe sami.’ ”


Izikhohlakali ziyobhujiswa, ziphele nya, kodwa indlu yabalungileyo iyokuma njalo.


Iso elingibonayo alisayukungibona, amehlo akho esangibhekile, ngiyobe ngingasekho.


Akekho oliqondisayo phakathi kwawo wonke amadodana eliwazeleyo. Akekho olibamba ngesandla kuwo wonke amadodana eliwakhulisileyo.


Nixosha abesifazane babantu bami ezindlini abazithandayo; nithathe ezinganeni zabo inkazimulo yami yaphakade.


Ngokuba ngiyakukuphilisa, ngelaphe izilonda zakho,’ kusho uSimakade, ‘ngokuba bakubize ngoxoshiweyo, neZiyoni akukho muntu olifunayo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite