Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:19 - IsiZulu 2020

19 Maye kimi ngenxa yokulimala kwami! Isilonda sami sibi. Kepha mina ngithi: “Impela lokhu yisifo, ngizosibekezelela.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Maye kimina ngenxa yokulimala kwami! Ukushaywa kwami kunzima. Kepha ngithi mina: “Nempela lokhu kulusizi lwami, ngiyakuluthwala.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Maye kimi ngenxa yobuhlungu bami! isilonda sami sibuhlungu, kepha ngathi: Impela buhlungu, ngimelwe ukubuthwala.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:19
17 Referans Kwoze  

Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.


“Uyokhuluma leli lizwi kubo, uthi: “ ‘Amehlo ami mawagobhoze izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele kakhulu impela; ukulimala kwayo kuyenze yagula kakhulu.


Ngizwile izwi kungathi ngelowesifazene ohelelwayo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi uZiyoni ihefuzela, yelula izandla zayo, ithi: “Maye, kimi! Ngokuba umphefumulo wami udangele, phambi kwababulali bami.”


Ngithule, angiwuvuli umlomo wami, ngokuba nguwe okwenzile lokho.


Kugobhoza imifula yezinyembezi emehlweni ami, ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.


Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe.


Simakade, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakujabha; abasuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uSimakade, umthombo wamanzi aphilayo.


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Ngilimele ngokulinyazwa kwendodakazi yabantu bami, ngiyalila, ukwesaba kungikhungethe.


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


Ngiyokumlindela uSimakade ositheze ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngimlindele ngokwethemba.


Ngase ngithi: “Kungukuhlupheka kimi ukuthi isandla soPhezukonke sesiguqukile.”


Simakade, nakuba izono zethu zifakaza ngathi, kodwa yenza okuthile, ngenxa yegama lakho, ngokuba ukuhlubuka kwethu kukhulu; sonile kuwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite