Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:18 - IsiZulu 2020

18 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngalowo mzuzu ngiyozijwiba izakhamuzi zezwe, ngibacindezele ukuze bakuzwe lokho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyo ezweni ngalo mzuzwana, ngibacindezele ukuze bakuzwe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakuxosha abakhileyo ezweni ngalesi sikhathi, ngibacindezele ukuba bakuthole kunjalo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:18
11 Referans Kwoze  

Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.


Kanti amazwi ami nezimiso zami engayaleza ngakho izinceku zami abaphrofethi akufinyelelanga yini kokhokho benu na? Angithi baphenduka, bathi: ‘Njengoba uSimakade Wamabandla ebehlelile ukwenza lokhu kithi ngokwezindlela zethu nangemisebenzi yethu, wenze kanjalo-ke kithi.’ ”


Bayakukwazi ukuthi nginguSimakade; angikhulumanga ize ukuthi ngizokwehlisela kubo le nhlekelele.’


Intukuthelo kaSimakade ayiyukubohla aze akwenze lokho, ayifeze inhloso yenhliziyo yakhe. Ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda nokukuqonda lokhu.


Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’


Siyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho, zize ziwe izingange zakho ozethembayo ezweni lakho lonke, siyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho ezweni lakho lonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunike lona.


Ngiyakukutshinga kwelinye izwe, wena nonyoko, izwe lapho ningazalelwanga khona; nifele lapho.


“Ngiyakwenza kube nengcindezi kubantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuSimakade. Igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nezibilini zabo njengobulongwe.


“Bheka, wena mlisa, uSimakade uzokukulahla kude, kabuhlungu, uzakukubamba aqinise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite