Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:14 - IsiZulu 2020

14 Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanalwazi; bonke ababumbi bathelwe ngehlazo nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso, azinamphefumulo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanakwazi; bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo, ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wonke umuntu unesibindi ekwazini kwakhe; bonke abakhandi bajabhiswa ngesithombe esibaziweyo, ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:14
20 Referans Kwoze  

Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,


Bayakubuyiselwa emuva, bajabhe nokujabha labo abethembela ezithombeni ezibaziweyo, abathi ezithombeni ezibunjiweyo: ‘Ningonkulunkulu bethu.’


Bayakujabha bonke ngothi lwabo, babe namahloni, bayokuhamba bedumele bonke abenza izithombe.


Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo mabajabhe, labo abazigabisa ngezithombe. Bonke onkulunkulu bakhothame phambi kwakhe.


Bonke abasikhonzayo bayothelwa ngehlazo, nabakhandi bangabantu nje, mabahlangane bonke, mabasukume bonke, bangenwe yingebhe; bonke bayakuthelwa ngehlazo kanyekanye.


USimakade uyababuka abantwana babantu esezulwini, ukubona ukuthi ukhona yini ohlakaniphileyo, ofuna uNkulunkulu.


Umuntu oyisiwula akanalwazi, nesiphukuphuku asikuqondi lokhu.


Qaphelani nina zithutha eziphakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuqonda nini na?


“Impela ngiyisiwula kunabanye abantu; anginakho ukuqonda komuntu.


Baguqula iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga, badumisa futhi bakhonza okudaliweyo kunoMdali odumisekayo kuze kube phakade. Amen.


Njengesichuse ensimini yamakhukhamba, awukhulumi, impela uyathwalwa; ngokuba awuzihambeli. Ungawesabi, ngokuba awukwazi ukukulimaza, futhi awukwazi ukwenza okuhle.”


Bavuka ngakusasa ekuseni; uyabona-ke, uDagoni wayewele phansi emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade, ikhanda likaDagoni nezihlakala zombili zezandla zakhe zazinqamukile, zisembundwini, kwakusele isidikinyane kuphela.


Mina ngiyakukudalula ukulunga kwakho nemisebenzi yakho; kepha akuyukukusiza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite