Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:11 - IsiZulu 2020

11 “Uyakukhuluma kanje kubo: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni naphansi kwezulu.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho kumelwe uthi kubo: Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayoshabalala emhlabeni nangaphansi kwaleli zulu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:11
14 Referans Kwoze  

Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kodwa uSimakade wenza izulu.


Izithombe ezibaziweyo ziyoshabalala.


USimakade Wamabandla uthi: “Ngalolo lusuku ngiyakushabalalisa amagama ezithombe ezweni, futhi awayukuphinde akhunjulwe; ngiyakususa abaphrofethi nemimoya engcolileyo ezweni.


USimakade uyakwesabeka kubo, ngokuba uyakushabalalisa bonke onkulunkulu bomhlaba. Bayakukhuleka kuye, kube yilowo nalowo esendaweni yakhe, kuzo zonke iziqhingi zezizwe.


Baxoshe ngentukuthelo yakho, ubabhubhise, kungasali namunye phansi kwezulu likaSimakade.


Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa, ngesikhathi abayojeziswa ngaso ziyakushabalala.


Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa, ngesikhathi abayojeziswa ngaso, ziyakushabalala.


Yambamba udrago, inyoka endala, uMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,


Bavuka ngakusasa ekuseni; uyabona-ke, uDagoni wayewele phansi emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade, ikhanda likaDagoni nezihlakala zombili zezandla zakhe zazinqamukile, zisembundwini, kwakusele isidikinyane kuphela.


Mina ngiyakukudalula ukulunga kwakho nemisebenzi yakho; kepha akuyukukusiza.


Ngiyakuphemba umlilo emathempelini onkulunkulu baseGibhithe, uyakuwashisa, abathumbe abanye onkulunkulu bakhona, ahambe nabo, iGibhithe uyakulembatha njengomelusi embatha ingubo yakhe, aphume kulo engenamyocu.


Uyakwaphula izinsika zaseBhethi Shemeshi eziseGibhithe; ashise ngomlilo amathempeli onkulunkulu baseGibhithe.’ ”


“Memezelani, nihlabe umkhosi phakathi kwezizwe, niphakamise ibhanela, nikumemezele lokhu ningakufihli, nithi: ‘IBhabhele liyakunqotshwa, uBheli athelwe ngehlazo, uMerodakhi abhujiswe, izithombe zalo zithelwe ngehlazo, imifanekiso yalo ibhujiswe.’


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Ngiyakuzishabalalisa izithombe, ngibaqede nya onkulunkulu abayize eNofi; akusayukuba bikho nkosana evela eGibhithe; ngiyakulifaka ingebhe iGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite