Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:1 - IsiZulu 2020

1 Yizwani izwi uSimakade alikhuluma kini, nina ndlu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli!

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:1
16 Referans Kwoze  

Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


Ngenxa yalokhu, nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba nithe ukulamukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengoba liyizwi likaNkulunkulu isibili, elisebenza kini nina enikholwayo.


Ngakho-ke lalela izwi likaSimakade. Wena uthi: “ ‘Ungaphrofethi ngokumelene no-Israyeli, ungalokothi uphrofethe okubi ngendlu ka-Isaka.’


Yizwani izwi likaSimakade nina bantu bakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade umangalela izakhamuzi zezwe, phela akukho kwethembeka, naqiniso, nalwazi ngoNkulunkulu ezweni.


Ngakho-ke manje, yizwa izwi likaSimakade wena nsali yakwaJuda. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma niphikelela ukuya eGibhithe, ukuze nigogobale khona,


uthi: ‘Yizwa izwi likaSimakade, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho, nabantu bakho abangena ngalawa masango.


Yizwani izwi likaSimakade nina ndlu kaJakobe, nani nonke mindeni yendlu ka-Israyeli.


Nina bantu abedelelayo, ababusa abantu baseJerusalema, yizwani izwi likaSimakade,


Lalelani izwi likaSimakade, nina babusi baseSodoma. Nibeke indlebe esifundisweni sikaNkulunkulu wethu, nina bantu baseGomora.


“Lalelani, bantu bami, ngizokhuluma, Israyeli, ngizomelana nani. NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.


UMikhaya wathi: “Ngakho-ke yizwa izwi likaSimakade: ngambona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi; nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye, kwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.


iGibhithe, uJuda, u-Edomi, abantu bakwa-Amoni, uMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, abakhe ehlane. Ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa wuvalo ngezibonakaliso esibhakabhakeni, ngokuba abezizwe bayazesaba.


Ningamfanisa nobani uNkulunkulu na? Ningamqhathanisa namuphi umfanekiso na?


“Usho kanje uSimakade, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uSimakade Wamabandla, uthi: ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina, ngaphandle kwami akekho uNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite