Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 1:7 - IsiZulu 2020

7 Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa uJehova wathi kimi: Ungatsho ukuthi: Ngingumntwana, ngoba kumele uye kukho konke engikuthuma khona, lakho konke engikuyala ngakho, uzakukhuluma.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 1:7
20 Referans Kwoze  

Ngalobo busuku uNkulunkulu wafika kuBhileyamu, wathi: “Uma lawa madoda efikele ukuzokubiza, vuka uhambe nawo, kodwa uyokwenza kuphela lokho engizokutshela khona.”


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Kuyothi lapho ngikhuluma nawe, ngivule umlomo wakho, bese uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade.’ Ozwayo makezwe, onganaki makanganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”


Kepha uMikhaya wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akushoyo uNkulunkulu wami yikhona engizakukukhuluma.”


Kepha uMikhaya wathi: “Ngiyafunga phambi kuSimakade, lokhu uSimakade akushoyo kimi, yikhona engizokukhuluma.”


UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Bheka, sengifikile kuwe manje, nokho anginamandla okusho utho kuwe. Ngiyokhuluma kuphela izwi uNkulunkulu alibeka emlonyeni wami.”


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


“Manje-ke, Simakade Nkulunkulu wami, uyibekile inceku yakho ukuba ibe yinkosi esikhundleni sikababa uDavide, noma ngisengumntwana nje. Angikakwazi ukungena nokuphuma.


“Uyokhuluma kubo wonke lawa mazwi, kepha abayukukulalela; uyakubabiza, kodwa abayukusabela.


Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.


Kepha uSimakade wangiyekisa ukwelusa umhlambi; wathi kimi: ‘Hamba uphrofethe kubantu bami u-Israyeli.’


uSimakade wathi kuye: “NginguSimakade, khuluma kuFaro inkosi yaseGibhithe konke engikutshela khona.”


“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


Kwathi ukuba uJeremiya aqede ukukhuluma kubantu bonke, wonke amazwi kaSimakade uNkulunkulu wabo, uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthume wona kubo;


“Phuthuma uye eNineve, umuzi omkhulu, ufike umemezele kuwo umyalezo engikutshela wona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite