Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 1:3 - IsiZulu 2020

3 Labuye lafika nangesikhathi sokubusa kukaJehoyakimu, indodana kaJosiya inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekupheleni konyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya, indodana kaJosiya kwaJuda, kwaze kwaba ngukuthunjwa kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 lafika futhi ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekupheleni komnyaka weshumi nanye kaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekuthunjweni kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lafika futhi emihleni kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekupheleni konyaka weshumi nanye kaSedekiya, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekuthunjweni kweJerusalema etilongweni. Ngenyanga yesihlanu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 1:3
19 Referans Kwoze  

Ngonyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya, ngenyanga yesine, ngosuku lwesishiyagalolunye lwayo, bafohla bangena emzini.


UFaro Nekho wabeka u-Eliyakimi, enye indodana kaJosiya, waba yinkosi esikhundleni sikayise. Wamguqula igama kwaba nguJehoyakimi. Wamsusa uJehowahazi eRibhila wamyisa eGibhithe, waze wakhothamela khona.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ukuzila kwenyanga yesine, okwesiyesihlanu, okweyesikhombisa, nokweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle endlini yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.’ ”


“Buza kubo bonke abantu bezwe nakubaphristi, uthi: ‘Ekuzileni nasekulileni kwenu ngenyanga yesihlanu neyesikhombisa kule minyaka engama-70 ngabe ngempela nanizilele Mina yini na?


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngesikhathi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nempi yakhe yonke, nemibuso yonke yomhlaba engaphansi kwesandla sakhe, nezizwe zonke, zilwa neJerusalema nemizana yonke elizungezile, lathi:


UJosiya wazala amadodana amane: izibulo nguJohanani, eyesibili nguJehoyakimi, eyesithathu nguZedekiya, eyesine nguShalumi.


Inkosi yaseBhabhele yabeka uMathaniya, uyisekazi, waba yinkosi esikhundleni sakhe, yaliguqula igama lakhe waba nguZedekiya.


Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade ezinsukwini zikaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi:


“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo wonke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli, nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela ngosuku engakhuluma ngalo kuwe ngezinsuku zokubusa kukaJosiya kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite