Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 1:18 - IsiZulu 2020

18 Ngokuba namuhla ngikubekile ukuba ube ngumuzi obiyelweyo, insika yensimbi, izingange zethusi kulo lonke izwe, emakhosini akwaJuda nezikhulu zakhona, abaphristi bakhona nakubantu bezwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngokuba bheka, ngikubekile namuhla ube ngumuzi obiyelweyo, nensika yensimbi, nezingange zethusi ngakulo izwe lonke, nangawo amakhosi akwaJuda nezikhulu zalo, nangakubo abapristi balo nabantu bezwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngokuba bheka, ngikwenzé namuhla ube ngumuzi ovikelekileyo, nensika yensimbi, nezindonga zethusi phezu kwezwe lonke, naphezu kwamakhosi akwaJuda, naphezu kwezikhulu zalo, naphezu kwabapristi balo, nakubantu bezwe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 1:18
21 Referans Kwoze  

Ngokuba iNkosi uSimakade iyangisiza; ngakho-ke angizange ngithunazwe, ngalokho ubuso bami ngibumisile njengensengetsha, ngiyazi ukuthi angiyukujabha.


Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayukukwahlula, ngokuba Mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” kusho uSimakade.


“Ngikubekile ukuba ube ngumhloli nenqaba phakathi kwabantu bami, ukuze uqaphe, futhi uhlole inkambo yabo.


“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: niyakusho kanje enkosini yakwaJuda enithumileyo ukuba nizobuza kimi, nithi: ‘Uyabona-ke, impi kaFaro ephume ukuzonisiza izophenduka ibuyele ezweni lakubo eGibhithe.


“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, kodwa ozophuma aye kumaKhaledi, uyakuphila; nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’


Ngakho-ke yazini ngokweqiniso ukuthi niyakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, niyofela kuleyo ndawo enifisa ukuya kuyo ukuba niyogogobala khona.”


Wena awuyukuphunyuka esandleni sayo; uyakubanjwa nokubanjwa, unikelwe esandleni sayo; niyakubonana ubuso nobuso nenkosi yaseBhabhele, nikhulume umlomo nomlomo; uyakuya eBhabhele.


‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakuziguqula izikhali zokulwa ezisezandleni zenu, enilwa ngazo nenkosi yaseBhabhele namaKhaledi anivimbezeleyo, angaphandle kogange, ngizozibuthela phakathi kulo muzi.


Wamyisa kuJesu. UJesu wambheka, wathi: “Wena unguSimoni kaJona; usuzakubizwa ngokuthi uKhefase,” okusho ukuthi ngokuhunyushwa, uPhethro.


Kepha uma ungazinikeli ezikhulwini zenkosi yaseBhabhele, lo muzi uyakunikelwa esandleni samaKhaledi, awushise ngomlilo, wena awuyukuphunyuka esandleni sawo.’ ”


Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona. Ngiyakuloba kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini livela kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.


“Ngalokho-ke wena, bopha ukhalo lwakho, usuke uyokhuluma kubo konke engiyakukuyala ngakho. Ungapheli amandla ngenxa yabo, funa ngikuqede amandla phambi kwabo.


Bayokulwa nawe, kodwa abasoze bakwehlula, ngokuba nginawe,” kusho uSimakade, “ukuba ngikophule.”


Maye, maye kimi lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana, nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke! Angebolekanga lutho futhi angebolekwanga lutho; nokho bonke bayangiqalekisa.


Kepha isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya ukuba anganikelwa esandleni sabantu, ukuze bambulale.


Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite