Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 1:17 - IsiZulu 2020

17 “Ngalokho-ke wena, bopha ukhalo lwakho, usuke uyokhuluma kubo konke engiyakukuyala ngakho. Ungapheli amandla ngenxa yabo, funa ngikuqede amandla phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Ngalokho bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wena-ke bopha izinkalo zakho, usukume, ukhulume kubo konke engikuyala ngakho; ungethuki ebusweni babo, funa ngikwenze ube namahloni phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 1:17
26 Referans Kwoze  

Isandla sikaSimakade sasiku-Eliya; wabopha ukhalo lwakhe, wabaleka phambi kuka-Ahabi, waze wayofika ekungeneni kwaseJizreyeli.


Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.


“Izinkalo zenu mazihlale ziboshiwe, nezibani zenu zivutha.


Umphrofethi onephupho makalande ngalo iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukusanhlamvu na?” kusho uSimakade.


Wena uyakukhuluma konke engizokuyala ngakho, kuthi u-Aroni umfowenu akhulume kuFaro ukuba akhulule abantu bakwa-Israyeli, baphume ezweni lakhe.


Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise.


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


Angizange futhi ngikugweme ukunitshela lokho okuwusizo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.


Wathi: “Ngizokuba nawe. Lesi kuyakuba yisibonakaliso sokuthi ngikuthumile: uma usubakhiphile abantu eGibhithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”


Ngokuba uma ngishumayela ivangeli, lokho akuyona into engingazikhukhumeza ngayo, ngokuba ngimele ukuba ngenze kanjalo. Maye, kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!


“Phuthuma uye eNineve, umuzi omkhulu, ufike umemezele kuwo umyalezo engikutshela wona.”


Mabajabhiswe abangizingelayo, kodwa mina mangingadunyazwa; behlisele ngosuku lwenhlekelele, ubabhubhise ngokubhubha okuphindiweyo.


Wathi kuGehazi: “Bopha ukhalo lwakho, uthathe udondolo lwami ngesandla sakho, uhambe; uma uhlangana nomuntu, ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela, ungamphenduli, uyobeka udondolo lwami ebusweni bomntwana.”


Kepha noma sasihlushiwe phambilini, futhi saphathwa kabi eFiliphi, njengokuba nazi, nokho saba nesibindi kuNkulunkulu wethu, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu, sibhekene nobunzima obukhulu.


U-Elisha, umphrofethi, wabiza enye yamadodana abaphrofethi, wathi kuyo: “Bhinca ingubo yakho okhalo, uthathe lo mfuma wamafutha ngesandla, uye eRamothi Gileyadi.


Ingelosi kaSimakade yathi ku-Eliya: “Yehla nayo, ungayesabi.” U-Eliya wasukuma, wehla nayo, waya enkosini.


Ngokuba namuhla ngikubekile ukuba ube ngumuzi obiyelweyo, insika yensimbi, izingange zethusi kulo lonke izwe, emakhosini akwaJuda nezikhulu zakhona, abaphristi bakhona nakubantu bezwe.


“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


UJeremiya wayesekhuluma kuzo zonke izikhulu, nakubo bonke abantu, wathi: “USimakade wangithuma ukuba ngiphrofethe ngale ndlu nangalo muzi, wonke amazwi eniwezwileyo.


UBharukhi, indodana kaNeriya, wenza konke uJeremiya, umphrofethi, ayemyale ngakho, wafunda encwadini amazwi kaSimakade endlini kaSimakade.


Lapho ngikubiza, ngicela usizo, weza kimi, wathi: “Ungesabi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite