Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 8:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi ngonyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngosuku lwesihlanu lwayo, ngihlezi endlini yami, namalunga akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi uSimakade sehlela phezu kwami ngilapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngomnyaka wesithupha ngenyanga yesithupha ngolwesihlanu lwenyanga lapho ngihlezi endlini yami, amalunga akwaJuda ehlezi ngaphambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela lapho phezu kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ngomnyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngolwesihlanu lwenyanga, ngihlezi endlini yami, namalunga akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela phezu kwami khona.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 8:1
24 Referans Kwoze  

Kwathi ngonyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngosuku lweshumi lwenyanga, kwafika amadoda angamalunga akwa-Israyeli ukuzobuza kuSimakade; ahlala phambi kwami.


Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele.


Kwase kufika kimi amadoda angamalunga akwa-Israyeli, ahlala phambi kwami.


Ngakho-ke khuluma kuwo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli, ofaka izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, nobeka isikhubekiso sokona kwakhe phambi kwakhe, bese eza kumphrofethi, Mina Simakade ngiyakumphendula ngobuningi bezithombe zakhe,


Angifisanga siliva, nagolide, nangubo yamuntu.


Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.


Kwathi ekuqaleni konyaka wama-25 sisekuthunjweni, ngosuku lweshumi enyangeni, ngonyaka we-14 emva kokunqotshwa komuzi, kwathi ngalolo lusuku isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wangiyisa lapho.


Isandla sikaSimakade sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaSimakade, sangibeka phakathi esigodini esasigcwele amathambo.


Kwathi ngonyaka we-12, ngosuku lwe-15 enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Kwathi ngonyaka we-11, ngenyanga yesithathu, ngosuku lokuqala enyangeni izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Kwathi ngonyaka wama-20, ngenyanga yokuqala, ngosuku lokuqala enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Ngonyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngosuku lwe-12 enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Kwathi ngonyaka we-11, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika kimi izwi likaSimakade, lathi:


Izwi likaSimakade lafika kimi ngonyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi enyangeni, lathi:


Isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wayesethi kimi: “Sukuma, hamba uye ethafeni, ngiyakukhuluma nawe lapho.”


Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.


UMoya wayesengiphakamisa, ngezwa izwi lokuduma okukhulu emva kwami, lithi: “Mayibusiswe inkazimulo kaSimakade endaweni yakhe.”


Yayisithumela isithunywa phambi kwayo; u-Elisha wayehleli endlini yakhe, namalunga ehleli naye; kepha singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukuze kunqunywe ikhanda lami na? Bhekani, kuyokuthi lapho sifika isithunywa nivale umnyango nisicindezele ngawo. Kanti izigi zenkosi yaso azikho yini emva kwaso na?”


Inkosi iyakulila, isikhulu sembathe incithakalo, nezandla zabantu bezwe ziyakuqhaqhazela. Ngiyakubaphatha njengokuziphatha kwabo, ngibehlulele ngokwemithetho yabo, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.’ ”


Ngabona; bheka, okwakubonakala kunjengomlilo, kusukela kokungathi ukhalo kwehle, kwakunomlilo. Kusukela okhalo kuya kwesingenhla kwakunjengokukhazimula futhi kungathi yinto emenyezelayo.


Kwathi kusihlwa, engakafiki lowo owayekade ephunyuke eJerusalema, isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wawuvula umlomo wami engakafiki kimi ekuseni. Wavulwa-ke umlomo wami, angabe ngisaba yisimungulu.


Kwathi ngonyaka we-11, ngenyanga yokuqala, ngosuku lwesikhombisa, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Kwathi ngonyaka we-12, ngenyanga ye-12, ngosuku lokuqala enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite