Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 7:5 - IsiZulu 2020

5 “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Inhlekelele! Inhlekelele yodwa, iyeza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ingozi! Ingozi inye nje! Bheka, iyeza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ububi, ububi obubodwa, bheka, bufikile.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 7:5
15 Referans Kwoze  

Noma ngabe yiluphi uzungu enilwakhela uSimakade uyakuluqeda nya. Ukuhlupheka akuyuphinda kabili.


Ngizokwenza kuwe engingakaze ngikwenze, engingeyukuphinde ngikwenze futhi okufana nakho, ngenxa yazo zonke izinengiso zakho.


Ngokuba kuyakuba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kwasekuqaleni kwezwe, kuze kube manje, futhi olungasoze lwaba khona.


“Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.”


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabehluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


“Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uSimakade ezweni lakwa-Israyeli, ithi: ‘Ukuphela! Ukuphela sekufikile emagumbini omane ezwe.


Isikhathi sesifikile, usuku selufikile; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ulaka luphezu kwaso sonke isixuku sabo.


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Ingozi ilandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.


ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.


Umlindi wathi: “Ukusa kuyeza, nobusuku ngokunjalo; uma nifuna ukubuza, buzani; nibuye futhi.”


Uyakuthi: ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina makhosi akwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela inhlekelele kule ndawo, bonke abayokuzwa ngayo, izindlebe zabo ziyonkeneneza.


Maye ngalolo lusuku! Ngokuba usuku lukaSimakade lusondele. Luyakufika luyimbubhiso evela kuSomandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite