Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 47:3 - IsiZulu 2020

3 Kwase kuphuma umuntu, eya ngasempumalanga, ephethe umucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa kwaba ngamakhubhithi ayinkulungwane, wayesengiweza emanzini, amanzi ayefinyelela emaqakaleni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lapho umuntu esephuma, eya ngasempumalanga, enomucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emaqakaleni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho umuntu ephuma eya ngasempumalanga, enentambo yokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabula emanzini; amanzi ayefika emaqakaleni.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 47:3
12 Referans Kwoze  

Wangiyisa khona; ngabona umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi; wayephethe intambo yelineni esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, emi esangweni.


Owayekhuluma nami wayephethe induku yegolide yokulinganisa, ayezolinganisa ngayo umuzi, amasango awo, nogange lwawo.


Nganikwa umhlanga wokulinganisa ofana nenduku, kwathiwa: “Sukuma ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, i-althare, nalabo abakhulekayo kulo.


Ngakho-ke waphakanyiselwa ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esemukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuthululile lokhu enikubonayo nenikuzwayo.”


Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela.


Sengiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kodwa hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”


Ngabheka, ngabona indoda iphethe esandleni intambo yokulinganisa.


Wayesengikhipha ngendlela yesango ngasenyakatho, wangizungezisa ngendlela engaphandle esangweni elingaphandle, elibheke endleleni esempumalanga. Bheka, kwakuphophoza amanzi ohlangothini lwaseningizimu.


Wabuye walinganisa enye inkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi ayesefinyelela amadolweni. Walinganisa enye futhi inkulungwane, wangiweza emanzini, amanzi ayesefinyelela okhalo.


‘Kepha Mina, ngiyakuba lugange lomlilo kulo oluluzungeze ngimbi ci, futhi ngibe yinkazimulo kulo,’ kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite