Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 3:9 - IsiZulu 2020

9 Ngilenze ibunzi lakho lalukhuni njengedayimani, lalukhuni ukwedlula insengetsha. Ungabesabi, ungapheli amandla ngenxa yabo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngenze ibunzi lakho njengedayimani,* elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngenzé ibunzi lakho laba lukhuni kunetshe; ungabesabi, ungapheli amandla phambi kwabo, nakuba beyindlu edlubulundayo.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 3:9
15 Referans Kwoze  

Wena, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi nameva kuwe, uhleli nofezela, ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Ngokuba iNkosi uSimakade iyangisiza; ngakho-ke angizange ngithunazwe, ngalokho ubuso bami ngibumisile njengensengetsha, ngiyazi ukuthi angiyukujabha.


Benza izinhliziyo zabo zaba lukhuni njengetshe, ukuba bangawuzwa umthetho namazwi uSimakade Wamabandla akuthumele ngoMoya wakhe ngesandla sabaphrofethi bakuqala; ngalokho uSimakade Wamabandla wathukuthela kakhulu.


Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade.


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Lokhu kuhle, futhi kwamukelekile emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu,


Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.


Mabajabhiswe abangizingelayo, kodwa mina mangingadunyazwa; behlisele ngosuku lwenhlekelele, ubabhubhise ngokubhubha okuphindiweyo.


“Ngalokho-ke wena, bopha ukhalo lwakho, usuke uyokhuluma kubo konke engiyakukuyala ngakho. Ungapheli amandla ngenxa yabo, funa ngikuqede amandla phambi kwabo.


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; Mina ngiyokusiza,” kusho uSimakade uMhlengi wakho oNgcwele ka-Israyeli.


Kufanele ukuba umlimi osebenzayo kube nguye othola isabelo sezithelo zokuqala.


Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayukukwahlula, ngokuba Mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” kusho uSimakade.


Ngenza ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo, nebunzi lakho libe lukhuni njengamabunzi abo.


Wabuye wathi kimi: “Ndodana yomuntu, wonke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe, afake enhliziyweni yakho, uwezwe ngezindlebe zakho.


Uyakusho endlini ehlubukayo yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, nina ndlu yakwa-Israyeli, sezanele izinengiso zenu!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite