Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 3:7 - IsiZulu 2020

7 Kepha indlu yakwa-Israyeli ayiyukukulalela futhi ayizimisele ukungilalela nami, ngokuba yonke indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo eqinile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha indlu yakwa-Israyeli kayiyikukuzwa, ngokuba ayingizwa mina, lokhu indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo enqala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa indlu kaIsrayeli kayiyikulalela; ngoba kabayikungilalela, ngoba yonke indlu kaIsrayeli ilukhuni lenhliziyo elukhuni.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 3:7
22 Referans Kwoze  

“Onizwayo nina, uyangizwa Mina; onganemukeli nina, akangamukeli Mina; ongangemukeli Mina, akamemukeli ongithumileyo.”


Bangabantu abanenkani nenhliziyo elukhuni, ngiyakuthuma kubo, uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi ...’


USimakade wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakusho kuwe, ngokuba akuwena abakulahlayo, kodwa balahle Mina, ukuba ngingabe ngisaba yinkosi phezu kwabo.


“Kepha abantu bezwe lakhe babemzonda, ngakho-ke bathumela amanxusa, amlandela, ukuba afike lapho, athi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


“Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.


“ ‘ “Ngokuba igazi elilichithile likuwo; lilichithele edwaleni elingenalutho; alilichithelanga emhlabathini ukuba limbozwe wuthuli.


“Izwi olikhulume kithi egameni likaSimakade asiyukulilalela.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.


Ngokuba bengazi ukuthi ninenkani, nentamo yenu ingumsipha wensimbi, nebunzi lenu liyithusi;


futhi akuyibo abantu abaningi abakukhuluma kwabo kungezwakali nolimi lwabo lungaqondakali, ongaqondi namazwi abawashoyo. Impela ukuba bengikuthume kubantu abanjalo, bebeyakukulalela.


Ngenza ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo, nebunzi lakho libe lukhuni njengamabunzi abo.


Benza izinhliziyo zabo zaba lukhuni njengetshe, ukuba bangawuzwa umthetho namazwi uSimakade Wamabandla akuthumele ngoMoya wakhe ngesandla sabaphrofethi bakuqala; ngalokho uSimakade Wamabandla wathukuthela kakhulu.


Ngiyokhuluma kubani, ngixwayise bani, ukuze balalele na? Bheka, izindlebe zabo ezingasokiwe azizwa, izwi likaSimakade seliphenduke ihlazo kubo, abathokozi ngalo.


Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu, ngithi: ‘Lalelani ukukhala kwecilongo,’ kepha, bathi: ‘Asiyukulilalela.’


“Uyokhuluma kubo wonke lawa mazwi, kepha abayukukulalela; uyakubabiza, kodwa abayukusabela.


“Kepha benqaba ukulalela, bapikla, bavala izindlebe zabo ukuba bangezwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite