Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 26:9 - IsiZulu 2020

9 Uyakubeka ezingangeni zakho imigoqo yakhe yokubhidliza, abhidlize imibhoshongo yakho ngemigxala yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uyakubekisa izinqama zakhe zokungqubuza ezingangeni zakho, abhidlize imibhoshongo yakho ngamazembe akhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uyakubeka izinqola ezingangeni zakho, abhidlize imibhoshongo yakho ngezimbazo zakhe.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 26:9
5 Referans Kwoze  

EJerusalema wakha imishini yempi eyasungulwa ngokuhlakanipha, wayibeka phezu kwemibhoshongo nasezingosini ezithile, ukuze kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laduma kude naseduze ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla amakhulu.


Ngakwesokunene kwenziwe unkatho ngeJerusalema, ukuba kubekwe imigoqo yokubhodloza, kumenyezelwe ukubulala, ngokuthi kukhuzwe iziqubulo zempi, kubekwe imigoqo yokubhodloza emasangweni, kwenziwe izindunduma, kwakhiwe nodonga lokuvimbezela.


Ziyakubhidliza izingange zeThire, zidilize imibhoshongo yalo. Ngiyakuyikhukhuluza imvithi yalo, ngilenze libe yidwala elingenalutho.


Uyakuyithelekela ngenkemba imizana yakho esezweni, akhe udonga lokukuvimbezela, enze indunduma, akuphakamisele nehawu, alwe nawe.


Ngenxa yobuningi bamahhashi akhe, uyakumbozwa wuthuli lwawo, izingange zakho zizamazame ngenxa yomsindo wabagibele amahhashi, nangenxa yobukhehlekhehle bamasondo nezinqola zempi, kuthi lapho engena emasangweni akho, kube sengathi kungenwa emzini ozingange zawo zibhidliziwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite