Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 26:2 - IsiZulu 2020

2 “Ndodana yomuntu, njengoba iThire likhulumile mayelana neJerusalema, lathi: ‘Ashila; liphukile isango lezizwe; seliphendukele kimi; ngiyakuphumelela njengoba lona seliyincithakalo,’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ndodana yomuntu, ngenxa yokuba iTire lishilo ngeJerusalema ukuthi: ‘Ashila; laphukile ebe liyisango labantu; seliphendukele kimi; ngiyakugcwala lapho selichithekile,’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ndodana yomuntu, ngokuba iTire lathi ngeJerusalema: “Ashila, liphukile amasango abantu; waphendukela kiMi; Ngizokwaneliseka, manje sekonakele.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 26:2
27 Referans Kwoze  

“Ningifunani nje nina Thire neSidoni nazo zonke izifunda eFilistiya na? Kukhona yini enikhokhisa ngakho kimi na? Uma nizikhokhisela kimi, ngiyakusheshe ngibuyisele masinyane phezu kwamakhanda enu ukuzikhokhisela kwenu.


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngenxa yokuba isitha sithe kini: Ashila, sabuye sathi: Izindawo eziphakemeyo zasemandulo seziyifa lethu.


wonke amakhosi aseThire, wonke amakhosi aseSidoni, amakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle;


bese ngiwunika abasempumalanga nabakwa-Amoni, ube yifa labo, ukuze abantu bakwa-Amoni bangabe besakhunjulwa ezizweni.


Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: njengoba ushaye ihlombe, wagidagida ngezinyawo, wathokoza ngabo bonke ububi obusenhliziyweni yakho, umelene nezwe lakwa-Israyeli,


Maye! Waze wasala dengwane umuzi obugcwele abantu! Sewuphenduke umfelokazi phakathi kwezizwe. Owesifazane obehloniphekile phakathi kwezifunda, usephenduke isigqila.


Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi: “Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na? Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi, nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?


nangenxa yosuku oluzayo ukuzobhubhisa wonke amaFilisti, nokuqeda iThire neSidoni, bonke abasizi abasalayo; ngokuba uSimakade uyakuwabhubhisa amaFilisti, insali yesiqhingi iKhafithori.


ukuthumele enkosini yakwa-Edomi, kweyakwaMowabi, enkosini nakubantu bakwa-Amoni, kweyaseThire neyaseSidoni, ngesandla sezithunywa ezifike eJerusalema kuZedekiya, inkosi yakwaJuda.


noGebhali, u-Amoni, u-Amaleki, iFilistiya nabakhile eThire.


Abathi: “Ashila, ashila!” mababuyele emuva ngenxa yehlazo labo.


Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi: “Ashila, ashila!”


Banginkonkozela kakhulu, bethi: “Ashila, ashila, besivele sibona!”


UHiramu, inkosi yaseThire, wathumela izithunywa kuDavide, nemisedari, nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide isigodlo.


bese umngcele ujika uya eRama, uze uyofinyelela emzini obiyelweyo eThire; umngcele bese ujika uye eHosa, uze uyophela olwandle e-Akhizibhi;


Phumani, niphume ngamasango, niyilungise indlela yabantu; yakhani, niwakhe umendo, nikhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngenxa yokuba uMowabi neSeyiri bathe: “Bheka, indlu yakwaJuda injengazo zonke ezinye izizwe,”


Kwathi ngonyaka we-11, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika kimi izwi likaSimakade, lathi:


“ ‘ “Ngokuba wathi: ‘Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, ngidle ifa lakho,’ nakuba uSimakade ebelapho,


Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo, abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uSimakade.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite