Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 24:3 - IsiZulu 2020

3 Khuluma ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Beka ibhodwe emlilweni, libeke, uthele amanzi kulo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Fanekisa ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Beka ikhanzi, libeke, uthele amanzi kulo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Yisho umfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Izi, Faka ebhodweni, ulimise futhi uthele amanzi kulo:

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 24:3
30 Referans Kwoze  

Ngathi: “Maye, Nkosi Simakade! Bathi ngami: ‘Akakhulumi ngezaga nje na?’ ”


“Ndodana yomuntu, banike imfumbe, ukhulume ngomfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli,


athi: ‘Akuseduze ukuba kwakhiwe izindlu, ziyibhodwe thina siyinyama.’


Wena, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi nameva kuwe, uhleli nofezela, ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israyeli, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi, zona nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla.


Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Maye, kumuzi ochitha igazi, ibhodwe elinokugqwala, nokugqwala kwalo okungasukanga kulo! Khipha kulo isitho nesitho, nakuba ungadliwanga wunkatho.


Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlubukayo njengale ndlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”


Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukulalela umthetho kaSimakade,


USimakade uthi: “Maye, kubantwana abahlubukayo, abenza amacebo okungewona awami, abenza isivumelwano esiphambene nomoya wami, ukuze bathasisele isono phezu kwesinye.


Umlomo wami ngizowuvula, ngisho umfanekiso, ngizobonakalisa izimfihlakalo zasemandulo,


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi.


Base beceba ukumbamba, kodwa besaba isixuku, ngokuba babazi ukuthi ukhulume ngalowo mzekeliso ewuqondise kubo. Base bemshiya, bahamba.


Ngalolo lusuku bayakusho isaga ngani, bakhihle isililo, bethi: ‘Kuphelile, kuphele nya ngathi; isabelo sabantu bami sinikwe abanye abantu! Maye, usithathile kimi, amasimu ethu wawabela amahlubuka!’ ”


“Ake ukhulume kuyo indlu ka-Israyeli ehlubukayo, uthi: ‘Anazi yini ukuthi lezi zinto ziyini na?’ Yisho uthi: ‘Inkosi yaseBhabhele yaya eJerusalema, yathumba inkosi yalo nezikhulu zakhona, yaziyisa kanye nayo eBhabhele.


Kepha Mina Simakade ngiyakukhuluma lokho engiyakukukhuluma, izwi liyakufezeka, futhi aliyukubambezeleka, ngokuba ngezinsuku zenu, nina ndlu ehlubukayo, ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, kusho iNkosi uSimakade.’ ”


“Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo, banamehlo okubona kodwa ababoni, banezindlebe zokuzwa, kepha abezwa, ngokuba bayindlu ehlubakayo.


Lo muzi awuyukuba yibhodwe kini, nani aniyukuba yinyama ephakathi kulo, kodwa ngiyonehlulela kuze kube semingceleni yakwa-Israyeli.


“ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: Ababuleweyo bakini enibabeke kuwo bayinyama, futhi isebhodweni, kodwa Mina ngiyakunikhipha kuwo.


Ngilenze ibunzi lakho lalukhuni njengedayimani, lalukhuni ukwedlula insengetsha. Ungabesabi, ungapheli amandla ngenxa yabo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”


Izwi likaSimakade labuye lafika kimi ngokwesibili, lathi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona ibhodwe elibilayo, lifulathele inyakatho.”


Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


U-Elisha wabuyela eGiligali; kwakukhona indlala kulelo lizwe. Amadodana abaphrofethi ayehleli phambi kwakhe. Wathi encekwini yakhe: “Bheka ibhodwe elikhulu, uphekele amadodana abaphrofethi ukudla.”


USimakade wayesethi kimi: “Kuzovela inhlekelele ngasenyakatho, ezokwehlela bonke abakhileyo ezweni.


Nokho ngizolikhathaza i-Ariyeli, kuzoba nokukhala nokulila, lizofana ne-Ariyeli.


Kwathi esakhuluma kimi, kwangena kimi uMoya, wangimisa ngezinyawo, ngamuzwa owayekhuluma kimi.


Noma ngabe bayalalela noma abalaleli, ngokuba bayindlu ehlubukayo, nokho bayokwazi ukuthi bekukhona umphrofethi phakathi kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite