Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 24:1 - IsiZulu 2020

1 Izwi likaSimakade lafika kimi ngonyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi enyangeni, lathi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi likaJehova lafika kimi ngomnyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, lathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 24:1
17 Referans Kwoze  

Kwathi ngonyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngosuku lweshumi lwenyanga, kwafika amadoda angamalunga akwa-Israyeli ukuzobuza kuSimakade; ahlala phambi kwami.


Kwathi ngonyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngosuku lwesihlanu lwayo, ngihlezi endlini yami, namalunga akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi uSimakade sehlela phezu kwami ngilapho.


Kwathi ekuqaleni konyaka wama-25 sisekuthunjweni, ngosuku lweshumi enyangeni, ngonyaka we-14 emva kokunqotshwa komuzi, kwathi ngalolo lusuku isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wangiyisa lapho.


Kwathi ngonyaka we-12 wokuthunjwa kwethu, ngosuku lweshumi enyangeni, kwafika kimi ophunyukileyo eJerusalema, wathi: “Umuzi unqotshiwe.”


Kwathi ngonyaka we-12, ngosuku lwe-15 enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Kwathi ngonyaka we-12, ngenyanga ye-12, ngosuku lokuqala enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Kwathi ngonyaka we-11, ngenyanga yesithathu, ngosuku lokuqala enyangeni izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Kwathi ngonyaka wama-20, ngenyanga yokuqala, ngosuku lokuqala enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Ngonyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngosuku lwe-12 enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Kwathi ngonyaka we-11, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika kimi izwi likaSimakade, lathi:


Ngosuku lwesihlanu lwenyanga, ngonyaka wesihlanu wokuthunjwa kukaJehoyakhini,


Inkosi uJehoyakini wakwaJuda wazinikela enkosini yaseBhabhele, yena, unina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu esigodlweni sakhe. Inkosi yaseBhabhele yamthatha ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.


Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwenkosi uZedekiya kwaJuda, ngenyanga yeshumi, inkosi uNebukhadinezari waseBhabhele nayo yonke impi yakhe, bafika eJerusalema, balivimbezela.


Kwathi ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi lwayo, kwafika eJerusalema uNebhukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nawo wonke amabutho akhe, balivimbezela. Bakanisa ngaphandle komuzi, bakha khona udonga lokuvimbezela nxazonke.


Bayakukuphindisela kini ukukhanuka kwenu, nizithwale nina izono zezithombe zenu, niyakukwazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.’ ”


“Ndodana yomuntu, zilobele igama losuku, lona lolu lusuku; inkosi yaseBhabhele seyilivimbezele iJerusalema ngalolu lusuku.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ukuzila kwenyanga yesine, okwesiyesihlanu, okweyesikhombisa, nokweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle endlini yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite