Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 23:3 - IsiZulu 2020

3 Babefeba eGibhithe, bafeba kusukela ebusheni babo; amabele abo awotwawotwa khona, zapotozwa lapho izingono zobuntombi babo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Babefeba eGibithe, bafeba ebusheni babo; bapotozwa khona amabele abo, zacindezelwa khona izingono zobuntombi babo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bafeba eGibithe; bafeba ebusheni babo; kwacindezelwa khona amabele abo, balimaza khona isifuba sobuntombi babo.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 23:3
17 Referans Kwoze  

ukuze bangaphinde banikele imihlatshelo yabo emadimonini abaphinga nawo. Lokhu kuyokuba yisimiso esiphakade kubo, ezizukulwaneni zabo.’


Kuzo zonke izinengiso owazenza, nobufebe bakho, awuzikhumbulanga izinsuku zobusha bakho, ngesikhathi wawunqunu, uhamba ze, ungqashangqasha egazini lakho.


“Manje mesabeni uSimakade, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nibasuse onkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho besengaphesheya komfula naseGibhithe, nikhonze uSimakade.


Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.


Wakulangazelela ukukhanuka kobusha bakho useseGibhithe, lapho izingono zakho zamabele obusha bakho zazipotozwa khona.


Kepha wabandisa ubufebe bakhe, ekhumbula izinsuku zobusha bakhe ayefebe ngazo eGibhithe.


Nokho akabuyekanga ubufebe bakhe ayebuqale eGibhithe, ngokuba balala naye kusukela ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathululela kuye ubufebe babo.


“ ‘Kepha bangihlubuka, abafunanga ukungilalela, kwaba yilowo nalowo akaze azilahla izinto ezenyanyekayo ezaziphambi kwakhe; abazishiyanga izithombe zaseGibhithe, ngase ngithi ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kwabo; intukuthelo yami ephelele ngiyithululele kubo eGibhithe.


ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala eGibhithe nokuthi sadlula phakathi kwezizwe enadabula kuzo,


Izidumbu zabo ziyakudindiliza emigwaqweni yomuzi omkhulu okuthiwa ngokomoya iSodoma neGibhithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona.


Ngenxa yokuba wayengenamahloni ngokufeba kwakhe, walingcolisa izwe, ephinga namatshe nezihlahla.


Amagama abo ngu-Ohola, okunguyena omdala, no-Oholiba udadewabo; babengabami, bazala amadodana namadodakazi. Amagama abo yilawa: u-Ohola yiSamariya kuthi u-Oholiba kube yiJerusalema.


Ngase ngithi ngalo osephele nya ngukufeba: ‘Impela bayakufeba naye, naye afebe nabo, ngokuba yilokho ayikho.’


Lapho uSimakade eqala ukukhuluma ngoHoziya, wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bokuphingwa, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uSimakade.”


“ ‘ “Kepha wethembela ebuhleni bakho, waba yisifebe ngenxa yodumo lwakho, wabuthululela bonke ubufebe bakho kwabadlulayo, baba ngobabo.


Ngathi kubo: Makube yilowo nalowo alahle okwenyanyekayo emehlweni akhe, ningazingcolisi ngezithombe zaseGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”


Uyakuphuza kuyo, uze uyiminye, uyiphihlize ibe yizingcezu; uklwebhe amabele akho, ngokuba Mina ngikhulumile,’ kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite