1 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
Ngase ngithululela ulaka lwami phezu kwabo, ngabaqeda nya ngomlilo wentukuthelo yami, kwathi konke abakwenzileyo ngakuthela phezu kwamakhanda abo,” kusho iNkosi uSimakade.
“Ndodana yomuntu, kwakukhona abesifazane ababili, amadodakazi amfazi munye.
“Ungakusho kanjani ukuthi: ‘Angingcolile, angibalandelanga oBhali,’ na? Bheka ukuziphatha kwakho esigodini, ubone ukuthi wenzeni: uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,
Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israyeli, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi, zona nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla.
Wathatha ezinye zezingubo zakho, wazenzela izindawo eziphakemeyo ezikhangayo, wafebela kuzo, okungakaze kwenzeke futhi okungasoze kwenzeka nanini.
“Wena ndodana yomuntu uyakwehlulela, uyakuwehlulela yini umuzi ochitha igazi na? Nguwe oyakuwazisa zonke izinengiso zawo,
Lapho uSimakade eqala ukukhuluma ngoHoziya, wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bokuphingwa, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uSimakade.”
Abantu bami babuza ukhuni olubaziweyo, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngenxa yokufeba.
Isivalo somthofu saphakanyiswa, kwakukhona owesifazane owayehleli phakathi kwe-efa.