Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 22:3 - IsiZulu 2020

3 uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Wena muzi ochitha igazi phakathi kwakho, isikhathi sakho siyeza; wenze izithombe ukuba uzingcolise ngazo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena muzi ochitha igazi phakathi kwakho, ukuze isikhathi sakho sifike, nowenza izithombe kuwe ukuzingcolisa,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uzakuthi: Itsho njalo iNkosi uJehova: Umuzi uchitha igazi phakathi kwawo, ukuze isikhathi sawo sifike, wenze kuwo izithombe zokuwungcolisa.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 22:3
22 Referans Kwoze  

Izikhulu zawo ezikuwo, zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuba zichithe igazi, zibaqede nya abantu, ukuze zithole inzuzo embi.


futhi ngenxa yobugovu babo, bayakunihlukumeza ngamazwi obuqili. Ukulahlwa kwabo okwamenyezelwa kusukela emandulo akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso.


Abantu abalungileyo bayakubehlulela ngokwehlulelwa kowesifazane ophingayo nangokwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingi, futhi negazi lisezandleni zabo.


Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphinge nezithombe zabo, kwathi abantwana abangizalela bona babadabulisa emlilweni, baba ngukudla kwazo.


“ ‘ “Bheka nje, yileso naleso sikhulu sakwa-Israyeli esasihlala kuwe, senza ngokusemandleni aso ukuba sichithe igazi.


unecala-ke ngegazi olichithileyo, nangezithombe ozenzileyo; ungcolile. Wenze ukuba izinsuku zakho zisheshe zifike, futhi sewufikile esiphethweni seminyaka yakho, ngakho-ke ngizokukwenza ube yihlazo ezweni, nenhlekisa emazweni wonke.


Kepha Mina Simakade ngiyakukhuluma lokho engiyakukukhuluma, izwi liyakufezeka, futhi aliyukubambezeleka, ngokuba ngezinsuku zenu, nina ndlu ehlubukayo, ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, kusho iNkosi uSimakade.’ ”


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu ngokwedlulele, izwe ligcwele igazi, nasemzini kudlange ukonakala, ngokuba bathi: ‘USimakade ulishiyile leli lizwe futhi akaboni.’


“Wena ndodana yomuntu uyakwehlulela, uyakuwehlulela yini umuzi ochitha igazi na? Nguwe oyakuwazisa zonke izinengiso zawo,


Wazinikela kubo, wafeba nabo, bengamadoda akhethekileyo ase-Asiriya; bonke wabakhanukela, wayesezingcolisa yena ngazo zonke izithombe zabo.


Kwenzeka ngokweqiniso kwaJuda lokho uSimakade ayekukhulumile ukuze abasuse ebusweni bakhe ngenxa yezono zikaManase, nakho konke ayekwenzile,


nangenxa yegazi elingenacala ayelichithile, wagcwalisa iJerusalema ngalo, lokho uSimakade akazange avume ukukuthethelela.


Ngenxa yezenzo zabo baba ngabangcolileyo, baphinga ngezenzo zabo.


Yeka umuzi obuthembekile usuphenduke isifebe, lona obugcwele ubulungiswa! Ubuqotho babuhlala kuwo; kodwa manje ngababulali.


Ngakho-ke batshele lokhu, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nina nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho niyakulidla kanjani izwe libe yifa lenu na?


nina enakha iZiyoni ngokuchitha igazi, neJerusalema ngokuhlanekezela ubulungiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite