Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 2:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlubukayo njengale ndlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikukhulumayo kuwe, ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha wena, ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe; Ungahlubuki njengaleyo ndlu edlubulundayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 2:8
19 Referans Kwoze  

Ngaya-ke engelosini; ngayitshela ukuba inginike incwadi encane. Yathi kimi: “Yithathe, uyidle; izakubaba esiswini sakho, kodwa emlonyeni wakho izakuba mnandi njengoju.”


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi, nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Simakade Nkulunkulu Wamabandla.


INkosi uSimakade iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.


Makungabi njengabazenza amakhosi phezu kwalabo enibaphathisiwe ukubanakekela, kodwa nibe yizibonelo emhlanjini.


Wabuye wathi kimi: “Ndodana yomuntu, wonke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe, afake enhliziyweni yakho, uwezwe ngezindlebe zakho.


“U-Aroni uzokufa, akayukungena ezweni engibanike lona abantu bakwa-Israyeli, ngokuba naphambuka ezwini lami emanzini eMeribha.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


UNkulunkulu ukhulumile kanjalo nami ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:


Ngayithenga indwangu yasokhalo njengokusho kwezwi likaSimakade, ngayibhinca okhalo lwami.


“Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo, banamehlo okubona kodwa ababoni, banezindlebe zokuzwa, kepha abezwa, ngokuba bayindlu ehlubakayo.


“Ndodana yomuntu, wena-ke, ngikubeke umlindi wendlu yakwa-Israyeli. Lalela ilizwi eliphuma emlonyeni wami, ubaxwayise, lokho kuvela kimi.


Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engizokukhombisa khona, ngokuba ulethwe lapha ukuba ngikukhombise. Tshela indlu yakwa-Israyeli ngakho konke lokhu okubonayo.”


Wabehlisela ngobumnyama, kwaba mnyama ezweni, kepha baphambana namazwi akhe.


Ngenza kanjalo njengoba ngangiyaliwe. Ngawukhipha umthwalo wami emini kwabha, njengomthwalo wokuya ekuthunjweni. Kuthe kusihlwa ngagebhula ugange ngesandla, kwathi lapho sekumnyama, ngawukhipha umthwalo wami, ngawetshatha ehlombe, ngahamba bengibuka.


Kodwa uJona wasuka, wabaleka phambi kukaSimakade, walibhekisa eTharishishi. Wehlela eJopha, wathola umkhumbi owawuya eTharishishi. Eseyikhokhile imali, wagibela kuwo elibhekise eTharishishi, ukuba suke phambi kukaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite