Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 2:5 - IsiZulu 2020

5 Noma ngabe bayalalela noma abalaleli, ngokuba bayindlu ehlubukayo, nokho bayokwazi ukuthi bekukhona umphrofethi phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha bona, noma befuna ukuzwa, noma bevuma, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayokwazi ukuthi kwakukhona umprofethi phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 2:5
20 Referans Kwoze  

“Kuyakuthi lapho sekwenzeka lokhu; ngempela kuyeza, bayokwazi lapho ukuthi kwakukhona umphrofethi phakathi kwabo.”


Kuyothi lapho ngikhuluma nawe, ngivule umlomo wakho, bese uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade.’ Ozwayo makezwe, onganaki makanganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”


Uma bengingezanga, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono. Kepha manje abanazaba ngesono sabo.


UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.


Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.


Kungani pho abanye bengakholwanga na? Ukungakholwa kwabo akukwenzanga ukwethembeka kukaNkulunkulu ize na? Ngabe kunjalo na?


Kepha uma umxwayisile omubi ukuba ayishiye indlela yakhe, nokho yena akaze ayishiya indlela yakhe, uyakufa nokufa ngenxa yobubi bakhe, kodwa wena uyakube uyihlengile impilo yakho.


Kepha wena, uma umxwayisile omubi, kodwa akaze abuyeka ububi bakhe nendlela yakhe embi, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakho.


Inkosi yayisimthuma uJehudi ukuba awulande umqulu; wawulanda ekamelweni lika-Elishama, umbhali. UJehudi wawufunda, inkosi nazo zonke izikhulu ezazimi ngasenkosini zilalele.


“USimakade ukhulume kini nina nsali yakwaJuda, wathi: ‘Ningayi eGibhithe;’ impela yazini ukuthi ngiyanixwayisa namuhla.


“Ndodana yomuntu, ayibuzanga yini kuwe indlu yakwa-Israyeli, indlu ehlubukayo, ukuthi: ‘Wenzani na?’


Uyakusho endlini ehlubukayo yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, nina ndlu yakwa-Israyeli, sezanele izinengiso zenu!


Kwathi ukuba u-Elisha, umuntu kaNkulunkulu, ezwe ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iziklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uziklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, yikhona ezokwazi ukuthi kukhona umphrofethi kwa-Israyeli.”


Ngiyakwenza ulimi lwakho lunamathele olwangeni lwakho, ube yisimungulu, ukuze ungabi ngumuntu obayalayo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


“Ake ukhulume kuyo indlu ka-Israyeli ehlubukayo, uthi: ‘Anazi yini ukuthi lezi zinto ziyini na?’ Yisho uthi: ‘Inkosi yaseBhabhele yaya eJerusalema, yathumba inkosi yalo nezikhulu zakhona, yaziyisa kanye nayo eBhabhele.


Khuluma ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Beka ibhodwe emlilweni, libeke, uthele amanzi kulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite