Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 2:4 - IsiZulu 2020

4 Bangabantu abanenkani nenhliziyo elukhuni, ngiyakuthuma kubo, uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi ...’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngoba bangabantwana abaxhwalileyo lenhliziyo elukhuni. Ngiyakuthuma kubo; uthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 2:4
23 Referans Kwoze  

Kepha indlu yakwa-Israyeli ayiyukukulalela futhi ayizimisele ukungilalela nami, ngokuba yonke indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo eqinile.


Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


Ngokuba bengazi ukuthi ninenkani, nentamo yenu ingumsipha wensimbi, nebunzi lenu liyithusi;


Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeribha, njengasosukwini lwaseMasa, ehlane,


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


Umuntu okhohlakele uqinisa ubuso, kepha oqotho uyayinaka indlela yakhe.


Wayihlubuka futhi nenkosi uNebukhadinezari eyayimfungisile ngoSimakade, wayenza lukhuni intamo yakhe, nenhliziyo yakhe wayenza lukhuni, akaze aphendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Manje ningabi ngontamolukhuni njengawoyihlomkhulu, kodwa mnikeni uSimakade isandla senu, ningene endaweni yakhe engcwele, ayingcwelisa kuze kube phakade, nimkhonze uSimakade uNkulunkulu wenu ukuze ulaka lwakhe oluvuthayo lusuke kini.


Kepha uMikhaya wathi: “Ngiyafunga phambi kuSimakade, lokhu uSimakade akushoyo kimi, yikhona engizokukhuluma.”


Mina ngiyakwazi ukuhlubuka kwakho nokuba nguntamo lukhuni kwakho. Bheka nje, ngisekhona nani namuhla seniyamhlubuka uSimakade; pho kuyoba kukhulu kangakanani sengifile, na?


Ngalokho niyakusoka ijwabu lenhliziyo yenu, ningabe nisaba ntamo lukhuni.


Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho.


Inkosi yayisimthuma uJehudi ukuba awulande umqulu; wawulanda ekamelweni lika-Elishama, umbhali. UJehudi wawufunda, inkosi nazo zonke izikhulu ezazimi ngasenkosini zilalele.


Kepha uSimakade wangiyekisa ukwelusa umhlambi; wathi kimi: ‘Hamba uphrofethe kubantu bami u-Israyeli.’


Benza izinhliziyo zabo zaba lukhuni njengetshe, ukuba bangawuzwa umthetho namazwi uSimakade Wamabandla akuthumele ngoMoya wakhe ngesandla sabaphrofethi bakuqala; ngalokho uSimakade Wamabandla wathukuthela kakhulu.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, hamba uye endlini yakwa-Israyeli, ukhulume amazwi ami kuyo.


Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakini, ukhulume kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade,’ noma ngabe bayalalela noma abakulaleli.”


Kuyothi lapho ngikhuluma nawe, ngivule umlomo wakho, bese uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade.’ Ozwayo makezwe, onganaki makanganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite