Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 2:10 - IsiZulu 2020

10 Wawendlala phambi kwami, wawulotshiwe ngaphandle nangaphakathi. Kuwo kwakubhalwe izililo nokuzila, nokuthi: “Maye!”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Waweneka phambi kwami; wawulotshiwe ngaphakathi nangaphandle, kubhaliwe kuwo izililo nezililiselo, nokuthi: “Maye!”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wasendlala phambi kwami; kwakulotshwe ngaphakathi nangaphandle, kwakulotshwe kuyo izililo nokulila nosizi.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 2:10
10 Referans Kwoze  

Ngase ngibona, futhi ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kulabo abakhileyo emhlabeni, lapho sekukhala amacilongo asasele, njengoba izingelosi ezintathu zizakuwabetha!”


Maye komubi! Kuzomhambela kabi, ngokuba kuyakwenziwa kuye lokho izandla zakhe ezikwenzileyo.


UMaye wesibili wedlula; uMaye wesithathu uyeza masinyane.


UMaye wokuqala usudlulile, kodwa kuseza oMaye ababili emva kwalokho.


USimakade wangiphendula wathi: “Bhala phansi umbono, uwenze ucace ezibhebheni ukuze owufundayo asheshe nawo.


Ngase ngibona esandleni sokunene salowo owayehleli esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshwe ngaphakathi nangaphandle, inamatheliswe yasicilelwa ngezisicilelo eziyisikhombisa.


“Wena, khihla isililo ngenxa yezikhulu zakwa-Israyeli, uthi:


Ngayithatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla. Yayimnandi njengoju emlonyeni wami, nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite