Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 13:3 - IsiZulu 2020

3 Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, kubaphrofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo, nalokho abangakubonanga!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubaprofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo nabangakubonanga!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Isho kanje iNkosi uJehova; Maye kubaprofethi abayiziwula abalandela owabo umoya kodwa ababonanga lutho!

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 13:3
21 Referans Kwoze  

Abaphrofethi bakho bakutshele imibono engamanga newubuwula, abakuvezanga obala ukuphambuka kwakho ukuze uphenduke, ungayi ekuthunjweni. Bakutshele imibono engamanga neyinkohliso.


Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu.


“Ndodana yomuntu, phrofetha umelane nabelusi bakwa-Israyeli; phrofetha uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, kubelusi bakwa-Israyeli abazicabangela bona! Kanti abelusi akumele yini ukuba beluse izimvu na?


“Maye, kubelusi ababhubhisa, bahlakaze izimvu zedlelo lami!” kusho uSimakade.


Inhliziyo ecubungulayo ifuna ulwazi, kodwa umlomo weziwula udla ubuwula.


esekhukhumele, ebe engaqondi lutho, enelukuluku lokuphikisana nokuba nengxabano okuvela kukho umona, umbango, ukuhlambalaza, ukudlinza okubi,


Ngokuba uma ngishumayela ivangeli, lokho akuyona into engingazikhukhumeza ngayo, ngokuba ngimele ukuba ngenze kanjalo. Maye, kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!


“Maye, kini zazimthetho, ngokuba nisithathile isihluthulelo solwazi! Nina luqobo aningenanga, nabangenayo nabavimbela.”


Ziwula, lo owenza ingaphandle, akalenzanga yini nengaphakathi na?


USimakade wayesethi kimi: “Zithathele izikhali zomelusi oyisiwula.


Uyakuthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye kwabesifazane abathunga izigqizo zezihlakala zezandla zabo bonke, benze amaveyili amade emakhanda ezithombe zonke, ukuze bazingele imiphefumulo yabantu. Niyoyizingela yini imiphefumulo yabantu bami, niyilondoloze eyenu imiphefumulo na?


Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.


Kepha abayikuqhubekela phambili, ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengalokhu baba kanjalo nobalawo madoda.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaphrofethi abaphrofetha kini; bayanikhohlisa, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, hhayi okuphuma emlonyeni kaSimakade.


Umphrofethi uJeremiya wayesethi kuHananiya, umphrofethi: “Ake ulalele, Hananiya, uSimakade akakuthumanga, kodwa wena usuwenze laba bantu bethembela emangeni.


Wena Israyeli, abaphrofethi bakho bafana nezimpungushe ezindaweni eziyincithakalo.


Mayelana nabaphrofethi. Inhliziyo yami yephukile ngaphakathi kwami, wonke amathambo ami ayathuthumela. Sengifana nomuntu odakiweyo, nanjengomuntu owahlulwe yiwayini; ngenxa kaSimakade, nangenxa yamazwi akhe angcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite