Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 12:2 - IsiZulu 2020

2 “Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo, banamehlo okubona kodwa ababoni, banezindlebe zokuzwa, kepha abezwa, ngokuba bayindlu ehlubakayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa, abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ndodana yomuntu, uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo enamehlo okubona, engaboni; banezindlebe zokuzwa, abezwa, ngokuba bayindlu edlubulundayo.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 12:2
46 Referans Kwoze  

ukuze bathi bebona nokubona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa nokuzwa, kepha bangaqondi, funa bapheduke, bathethelelwe.”


Yizwani lokhu, nina bantu abayiziwula neningenakuqonda; eninamehlo, kodwa aniboni; eninezindlebe, kodwa anizwa.


Babemhlubuka kaningi kangakanani ehlane, bemdabukisa ogwadule!


abangqondo yabo ifiphazwe ngubumnyama, bahlukaniswa nokuphila kukaNkulunkulu ngenxa yokungazi kwabo nangenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Kepha yaba lukhuni ingqondo yabo, ngokuba kuze kube yinamuhla uma kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isalokhu ihlezi ingembuliwe, kodwa yembulwa kuphela kuKhristu.


“Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, ukuze bangaboni ngamehlo abo, bangaqondi ngenhliziyo yabo, funa baphenduke, ngibaphilise.”


Kepha laba bantu banenhliziyo enenkani nehlubukayo; bembukile, bahamba.


Ngibelulele izandla zami usuku lonke abantu abahlubukayo, abahamba ngendlela engeyinhle nangokwemicabango yabo,


Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukulalela umthetho kaSimakade,


USimakade uthi: “Maye, kubantwana abahlubukayo, abenza amacebo okungewona awami, abenza isivumelwano esiphambene nomoya wami, ukuze bathasisele isono phezu kwesinye.


Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israyeli, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi, zona nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla.


Uyakusho endlini ehlubukayo yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, nina ndlu yakwa-Israyeli, sezanele izinengiso zenu!


Khuluma ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Beka ibhodwe emlilweni, libeke, uthele amanzi kulo.


“Ake ukhulume kuyo indlu ka-Israyeli ehlubukayo, uthi: ‘Anazi yini ukuthi lezi zinto ziyini na?’ Yisho uthi: ‘Inkosi yaseBhabhele yaya eJerusalema, yathumba inkosi yalo nezikhulu zakhona, yaziyisa kanye nayo eBhabhele.


Ngilenze ibunzi lakho lalukhuni njengedayimani, lalukhuni ukwedlula insengetsha. Ungabesabi, ungapheli amandla ngenxa yabo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”


Mina ngiyakwazi ukuhlubuka kwakho nokuba nguntamo lukhuni kwakho. Bheka nje, ngisekhona nani namuhla seniyamhlubuka uSimakade; pho kuyoba kukhulu kangakanani sengifile, na?


Kepha uSimakade akaninikanga inhliziyo yokuba nazi, namehlo okuba nibone, nezindlebe zokuba nizwe kuze kube yinamhlanje.


Nimhlubukile uSimakade kusukela osukwini enganazi ngalo.


“Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uSimakade uNkulunkulu wakho ehlane. Benihlale nimhlubuka uSimakade kusukela osukwini owaphuma ngalo eGibhithe waze wafika kule ndawo.


Njengabalindi bensimu, balithelekele nxazonke, ngokuba lingihlubukile,” kusho uSimakade.


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”


Lethani abantu abayizimpumputhe bebe benamehlo, nabayizithulu bebe benezindlebe.


Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Kepha Mina Simakade ngiyakukhuluma lokho engiyakukukhuluma, izwi liyakufezeka, futhi aliyukubambezeleka, ngokuba ngezinsuku zenu, nina ndlu ehlubukayo, ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, kusho iNkosi uSimakade.’ ”


izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso nalezo zimangaliso ezinkulu.


Kepha abamlalelanga, benza lukhuni izinhliziyo zabo, njengokhokho babo abangazange bamethembe uSimakade uNkulunkulu wabo.


Badelela izimiso zakhe, isivumelwano sakhe asenza nokhokho babo nezexwayiso ayebaxwayisa ngazo, balandela okuyize. Benza okuyize, baba yize njengezizwe abazilandelayo ezazibazungezile, uSimakade ayebayale ukuba bangenzi njengazo.


Kabazi, kabaqondi, ngokuba amehlo abo uwasilekile ukuze bangaboni, nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.


Nokho abazange bangilalele, abayibekanga indlebe yabo kimi, kodwa bazenza lukhuni izintamo zabo; benza okubi ukwedlula okhokho babo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite