Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 10:4 - IsiZulu 2020

4 Inkazimulo kaSimakade yasuka phezu kwekherubhi, yaya emphemeni wendlu. Indlu yagcwala ifu, negceke lagcwala ukukhazimula kwenkazimulo kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Inkazimulo kaJehova yenyuka ekherubini, yaya embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, igceke lagcwala ukumenyezela kwenkazimulo kaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Inkazimulo kaJehova yenyuka isuka ekherubini, yema embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, negceke lagcwala ukubenyezela kwenkazimulo kaJehova.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 10:4
15 Referans Kwoze  

Njengothingo lwenkosazana emva kwemvula, kwakubonakala kunjalo ukumenyezela kwakho nxazonke. Kwakufana nenkazimulo kaSimakade. Kwathi lapho ngiyibona ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


Inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yasuswa phezu kwekherubhi eyayikulo, yayiswa ngasemnyango wendlu. USimakade wayibiza indoda eyayembethe ilineni, inophondo lukayinki womlobi okhalo lwayo.


Ithempeli lagcwala intuthu ivela enkazimulweni kaNkulunkulu nasemandleni akhe. Akekho owayengangena ethempelini zingakapheleli izinhlupheko eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.


Inkazimulo kaSimakade yasuka emphemeni wendlu, yama phezu kwamakherubhi.


UMose akakwazanga ukungena ethendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli.


“Inkazimulo yakamuva yale ndlu iyakuba nkulu kuneyakuqala,” kusho uSimakade Wamabandla. “Ngiyakuletha ukuthula kule ndawo,” kusho uSimakade Wamabandla.


UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaSimakade yayigcwalisa indlu.


UKhora wayeseqoqa yonke inhlangano, base bema ngasemnyango wethende lokuhlangana. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kuyo yonke inhlangano.


Ifu lalisibekela ithende lokuhlangana, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli.


Ngonyaka wokufa kwenkosi u-Uziya, ngabona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo; umsila wengubo yakhe ugcwalise ithempeli.


Bheka, inkazimulo kaSimakade yavela empumalanga, izwi lakhe lezwakala njengokuhaza kwamanzi amaningi, inkazimulo yakhe yawukhanyisa umhlaba.


Wayesengiyisa phambi kwendlu ngendlela yesango esenyakatho. Ngabuka; bheka, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu yakhe; ngase ngiwa ngithi mbo ngobuso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite