Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 10:3 - IsiZulu 2020

3 Amakherubhi ayemi ngaseningizimu yendlu ngesikhathi indoda ingena; ifu lagcwala igceke elingaphakathi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Amakherubi ayemi ngakwesokunene kwendlu ekungeneni kwendoda, ifu lagcwalisa igceke elingaphakathi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Amakherubi ayemi ngakwesokunene sendlu ekungeneni komuntu; ifu lagcwalisa igceke elingaphakathi.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 10:3
7 Referans Kwoze  

Inkazimulo kaSimakade yangena endlini ngendlela yesango elibheke ngasempumalanga.


Inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yasuswa phezu kwekherubhi eyayikulo, yayiswa ngasemnyango wendlu. USimakade wayibiza indoda eyayembethe ilineni, inophondo lukayinki womlobi okhalo lwayo.


Wayesengingenisa egcekeni lendlu kaSimakade elaliphakathi; ngasemnyango wethempeli likaSimakade, phakathi komphemegumbi ne-althare, kwakukhona amadoda angama-25 efulathele ithempeli likaSimakade. Ubuso bawo babubheke empumalanga, ekhothamela ngasempumalanga, ekhonza ilanga.


Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.


Wayeselula okufana nesandla, wangibamba ngezinwele zekhanda lami. UMoya wangiphakamisela emkhathini, phakathi komhlaba nezulu; wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema, esivalweni sesango legceke eliphakathi, elibheke enyakatho; yilapho kwakukhona isithombe somhawu, esibanga umhawu.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Isango legceke elingaphakathi, elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza, kepha ngosuku lwesabatha nangosuku lokwethwasa kwenyanga, liyakuvulwa.


Uyokwenza amakherubhi amabili ngegolide elicangcathiweyo; uwabeke emphethweni wesihlalo somusa nxazombili zaso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite