UHezekeli 1:4 - IsiZulu 20204 Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo. Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE4 Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo, kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni. Gade chapit laContemporary Zulu Bible 20244 Ngabona, bheka, kwavela umoya oyisivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu nomlilo ulisibekela, nokukhanya nxazonke zalo, nokuvela kulo okunjengombala wenhlaka, kuvela phakathi komlilo. Gade chapit la |
bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.
Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.