Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 1:3 - IsiZulu 2020

3 kwafika izwi likaSimakade kuHezekeli umphristi, indodana kaBhuzi, ezweni lamaKhaledi, ngasemfuleni iKhebhari. Isandla sikaSimakade sasiphezu kwakhe khona lapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 izwi likaJehova lafika kuHezekeli umpristi, indodana kaBuzi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari. Isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izwi likaJehova lafika ngokuqondile kuHezekeli umpristi, indodana kaBusi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari; isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 1:3
23 Referans Kwoze  

Isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wayesethi kimi: “Sukuma, hamba uye ethafeni, ngiyakukhuluma nawe lapho.”


Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.


Manje-ke ngibizeleni umshayi wogubhu eze lapha.” Kuthe lapho eselubetha nje ugubhu, isandla sikaSimakade saba kuye.


Isandla sikaSimakade sasiku-Eliya; wabopha ukhalo lwakhe, wabaleka phambi kuka-Ahabi, waze wayofika ekungeneni kwaseJizreyeli.


Kwathi ekuqaleni konyaka wama-25 sisekuthunjweni, ngosuku lweshumi enyangeni, ngonyaka we-14 emva kokunqotshwa komuzi, kwathi ngalolo lusuku isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wangiyisa lapho.


Isandla sikaSimakade sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaSimakade, sangibeka phakathi esigodini esasigcwele amathambo.


Kwathi kusihlwa, engakafiki lowo owayekade ephunyuke eJerusalema, isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wawuvula umlomo wami engakafiki kimi ekuseni. Wavulwa-ke umlomo wami, angabe ngisaba yisimungulu.


Kwathi ngonyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngosuku lwesihlanu lwayo, ngihlezi endlini yami, namalunga akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi uSimakade sehlela phezu kwami ngilapho.


Manje uMoya usho ngokucacileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, banake imimoya edukisayo nezimfundiso zamadimoni,


Izwi likaSimakade elafika kuJoweli indodana kaPhethuweli.


Izwi likaSimakade elafika kuHoziya indodana kaBheri ezinsukwini zokubusa kuka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


Kwathi ngonyaka wama-30, ngenyanga yesine, ngosuku lwesihlanu lwayo, nginabathunjwa ngasemfuleni iKhebhari, izulu lavuleka, ngabona imibono kaNkulunkulu.


Izwi likaSimakade lafika kuye ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni inkosi yakwaJuda, ngonyaka we-13 wokubusa kwakhe.


Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


Ngasemifuleni eBhabhele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iZiyoni.


Amakherubhi ayesephakama, kwakuyilezo zidalwa eziphilayo engazibona ngasemfuleni iKhebhari.


Ngiyakwendlala inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami, ngisiyise eBhabhele, ezweni lamaKhaledi. Kepha kasiyukulibona, siyakufela lapho.


Isimo sombono engawubonayo sasifana nombono engangiwubone ngesikhathi ngiza ngizobhubhisa umuzi. Imibono yayinjengombono engangiwubone ngasemfuleni iKhebhari; ngase ngiwa ngobuso, ngathi mbo emhlabathini.


Ngosuku lwama-24 lwenyanga yokuqala, ngiseceleni komfula omkhulu iHidekeli,


Ngokuba nikhulume nathi: “USimakade usivusele abaphrofethi eBhabhele.”


Ngafika ngaseTheli Avivi, kubathunjwa ababehlala ngasemfuleni iKhebhari. Ngahlala phakathi kwabo, ngahlala izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.


Ngasukuma, ngahamba ngaya ethafeni; inkazimulo kaSimakade yayimi khona, injengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebhari, ngase ngikhothama, ngathi mbo ngobuso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite