Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 1:10 - IsiZulu 2020

10 Isimo sobuso bazo sasifana nobuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, obenkomo ngakwesokhohlo, nobuso bokhozi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Isimo sobuso bazo sasingubuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, zozine zinobuso benkomo ngakwesokhohlo, zozine zinobuso bokhozi futhi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuqondene nesimo sobuso bazo, zozine zazinobuso bomuntu nobuso bengonyama ngakwesokunene; zozine zazinobuso benkomo ngakwesokhohlo; zozine zazinobuso bokhozi.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 1:10
20 Referans Kwoze  

Yilelo nalelo lalinobuso obune: ubuso bokuqala kungubuso bekherubhi, obesibili kungubuso bomuntu, obesithathu kungubuso bengonyama, obesine kungubuso bokhozi.


Isidalwa sokuqala sasifana nengonyama, esesibili sifana nethole, esesithathu sinobuso obunjengobomuntu, nesesine sinjengokhozi olundizayo.


Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”


Ngithi kini: kanjalo-ke kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.”


“Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi. Ngabuka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.


“Khumbulani lokhu, nime isibindi, cabangani futhi ezinhliziyweni zenu, nina benzi bokubi.


kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Lapho kungenazinkomo khona umkhombe awunalutho, kepha isivuno esikhulu siba khona ngenxa yamandla ezinkabi.


Ukhozi lundizela phezulu yini ngenxa yokusho kwakho, lisakhe lapho phezulu isidleke salo na?


KwabakwaGadi, abanye bazehlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, amabutho azilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bufana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:


Amadoda omuzi athi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga: “Yini emnandi kunoju na? Yini enamandla kunebhubesi na?” Wayesethi kuwo: “Ukuba anilimanga ngesithole sami, ngabe aniyitholanga incazelo yemfumbe yami.”


“USimakade uyothumela kuwe isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba, esihlwitha njengokhozi. Kuyoba yisizwe ongayukuluqonda ulimi lwaso,


Ibhanela lenkambu yakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaDani kungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.


Ibhanela lenkambu yakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; umholo wabozalo lwabakwa-Efrayimi kuyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi.


Ibhanela lenkambu yakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaRubeni kungu-Elizuri indodana kaShedewuri.


Abakanisa ngasempumalanga ngalapho kuphuma khona ilanga kuyakuba ngabebhanela lenkambu yakwaJuda ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaJuda kunguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo.


kodwa yileso naleso sidalwa sasinobuso obune, namaphiko amane.


Ubuso bomuntu babubheke ngakuleli sundu, ngakwelinye icala kunobuso bebhongo lengonyama, bubheke isundu ngale, kwakwenziwe kanjalo nxazonke zendlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite